UJobe 11

11
Inkulumo yokuqala kaSofari: ngokungazi kwakhe uJobe akaqondi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu. Ngalokho makaphenduke
1Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
2“Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na?
Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?
3Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na?
Nalapho ukloloda,
akakho ongakuhlaza na?
4Ngokuba uthi:
‘Ukufundisa kwami kulungile;
ngimhlophe emehlweni akho.’
5Sengathi uNkulunkulu angakhuluma,
akuvulele izindebe zakhe,
6akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha,
ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi,
uze wazi ukuthi uNkulunkulu,
ukuba kube kuhle kuwe,
wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
7 “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na?
Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?
8 Kuphakeme njengezulu – ungenzani na?
Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?
9Isilinganiso sakho side kunomhlaba,
sibanzi kunolwandle.
10 Uma edlula, avalele,
abizele ekwahluleleni,
ngubani ongamkhalima na?
11Ngokuba uyabazi abantu ababi;
lapho ebona ukona, akayikukunaka na?
12Umuntu oyize uyakuba nengqondo,
nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.
13“Uma ulungisa inhliziyo yakho,
welulele izandla zakho kuye;
14uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho,
ungahlalisi ububi ematendeni akho,
15khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni,
uqine, ungesabi.
16Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho,
ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
17 Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini;
noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
18Uyakuba nokwethemba,
ngokuba ithemba likhona;
uyakuphendla,
ulale ngokulondeka.
19 Uyakulala, ungethuswa muntu;
abaningi bayakuzincengela kuwe.
20 Kepha amehlo ababi ayakufiphala;
abayikuba nandawo yokuphephela;
ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UJobe 11: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo