“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu. Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi. “Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe. Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami. “Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale. “Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho.
Funda NgokukaJohane 15
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaJohane 15:1-14
4 Days
God loves you. Whoever you are, wherever you are in your life, God loves you! In this month, when we celebrate love, don't forget that God's love for you is greater than every other love. In this four day series, immerse yourself in God's love.
5 Days
Through these comprehensive daily readings, learn how to wait on God's timing in all aspects of life, from healing to relationships. Discover how to make the most of the waiting season and pray according to God's will. This devotional is based on Everybody Wants to Win, But Nobody Wants to Wait by Marcus Gill.
6 days
We are overstressed. Culture tells us to combat our stress by chasing the next happy moment. But the Bible paints a different picture. This six-day plan will show you how you can practically combat your daily stress by making Biblical joy a habit.
Kingdom Disciples calls believers and churches back to our primary responsibility: to be and make disciples. Only when we take this seriously will the world see heaven at work on earth. Tony Evans teaches what it means to be a kingdom disciple—a believer in Christ taking part in the spiritual-development process of progressively learning how to live all of life under Jesus Christ's lordship. Will you answer the call?
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo