U-Isaya 50:4-8

U-Isaya 50:4-8 ZUL59

INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.