U-Isaya 50:4-8
U-Isaya 50:4-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
INkosi uSimakade inginikile ulimi lwabafundi ukuze ngikwazi ukuqinisa okhatheleyo ngezwi; njalo ekuseni ivusa indlebe yami, ukuba ngilalele njengofundiswayo. INkosi uSimakade iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekungcofweni nasekufelweni ngamathe. Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha. Ongikhiphe phambili ecaleni useduze; ngubani oyomelana nami na? Masime kanyekanye; ngubani omelene nami na? Makasondele kimi.
U-Isaya 50:4-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi. INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane. Nganika abashayi umhlane, nezihlathi zami kubo abahluthula isilevu; angibusithelisanga ubuso bami ekuhlazisweni nasekufelweni amathe. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha. Ongithethayo useduze; ngubani ongamelana nami na? Masivuke kanyekanye; ngubani omangalelana nami na? Makasondele kimi.
U-Isaya 50:4-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi uJehova inginike ulimi lwabafundileyo, ukuze ngikwazi ukukhuluma izwi ngesikhathi esifanele kokhatheleyo; INkosi uJehova yavula indlebe yami, futhi angizange ngihlubuke futhi angizange ngibuyele emuva. Ngiwunike umhlane wami ekushayweni, nezihlathi zami kulabo abaklebhula izinwele; angibufihlanga ubuso bami ehlazweni nasekukhafuleni. Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngakho-ke angiyikuma nginamahloni; Useduze ongilungisisayo; ngubani ongangiphikisa? asime ndawonye: ngubani omelene nami? akeze kimi.