Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
Funda KumaHeberu 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KumaHeberu 3:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo