KumaHeberu 3

3
UKristu mkhulu kunoMose, eyindodana yasendlini
1 Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu, 2 owayethembeka kuyena owammisayo, njengoMose naye wayenjalo endlini yakhe yonke. 3 Ngokuba lowo kwathiwa ufanele inkazimulo enkulu kunoMose, njengalokhu oyakhileyo indlu unodumo olukhulu kunendlu. 4Ngokuba yileyo ndlu yakhiwa ngothile; kepha owakha konke nguNkulunkulu. 5UMose kambe wayethembekile endlini yakhe yonke njengenceku, kuze kube ngubufakazi balokho obekuzakukhulunywa, 6 kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.
Abakholwayo mabangadeleli izwi lakhe
7 Ngalokho njengokusho kukaMoya oNgcwele ukuthi:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
8 ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu njengasekucunuleni
ngosuku lokulingwa ehlane,
9lapho oyihlo bangilinga bengihlola,
noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;
10ngalokho nganengwa yileso sizukulwane,
ngathi: ‘Bayaduka njalonjalo enhliziyweni yabo,
abazazanga izindlela zami,’
11ngaze ngafunga ekuthukutheleni kwami,
ngathi: ‘Abayikungena ekuphumuleni kwami.’ ”
12 Xwayani, bazalwane, ukuba nakoyedwa kini kungabikho nhliziyo embi, engakholwayo, emhlubukisa kuNkulunkulu ophilayo; 13kepha yalanani imihla ngemihla kusathiwa namuhla, ukuze kungabikho kini owenziwa lukhuni ngokukhohlisa kwesono, 14 ngokuba sesingabahlanganyela kuKristu, uma sibambisisa ithemba lethu lokuqala kuze kube sekupheleni. 15Uma kuthiwa:
“Namuhla, uma nilizwa izwi lakhe,
ningazenzi lukhuni izinhliziyo zenu
njengasekucunuleni,”
16pho-ke, yibaphi abezwayo bacunula na? Akusibo bonke abaphuma eGibithe ngoMose na? 17 Yibaphi-ke anengwa yibo iminyaka engamashumi amane na? Kwakungesibo abonayo, abazidumbu zabo zawa ehlane na? 18 Yibaphi afunga kubo ngokuthi abayikungena ekuphumuleni kwakhe, uma kungesibo abangalalelanga na? 19Siyabona-ke ukuthi babengenakungena ngenxa yokungakholwa kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

KumaHeberu 3: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo