UHezekeli 39

39
1 “Wena ndodana yomuntu, profetha ngoGogi, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali. 2Ngiyakukuguqula, ngikuhole, ngikwenyuse ekugcineni komhlaba, ngikuyise ezintabeni zakwa-Israyeli, 3ngishaye phansi umnsalo esandleni sakho sokhohlo, ngiwise imicibisholo yakho esandleni sakho sokunene. 4 Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe. 5Uyakuwa ebusweni bomhlaba, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova. 6Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini, bazi ukuthi nginguJehova.
7 “ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli. 8 Bheka, kuyeza, kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova; yilolo suku engikhulume ngalo.
9 “ ‘Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa. 10Abayikuthatha muthi endle, bangagawuli emahlathini, ngokuba bayakuphemba umlilo ngezikhali, baphange ababaphangayo, bamuke ababamukileyo, isho iNkosi uJehova.
11“ ‘Kuyakuthi ngalolo suku ngimnike uGogi lapho indawo yethuna, kwa-Israyeli, isiGodi Sabadlulayo ngasempumalanga kolwandle, ivimbe abadlulayo, bembele khona uGogi naso sonke isixuku sakhe, bayibize ngokuthi isiGodi saseHamoni Gogi.
12 “ ‘Indlu yakwa-Israyeli iyakubembela izinyanga eziyisikhombisa, ukuze ihlambulule izwe. 13Bonke abantu bezwe bayakubembela, kube ludumo lwabo ngosuku engiyakukhazimuliswa ngalo, isho iNkosi uJehova.
14“ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa. 15Lapho abadlula ezweni bedlula babone ithambo lomuntu, bayakumisa isiboniso eceleni kwalo, abembelayo baze balimbele esiGodini saseHamoni Gogi. 16Kuyakuba khona futhi nomuzi ogama lawo liyakuba yiHamoni. Bayakuhlambulula kanjalo izwe.’
17 “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: ‘Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu, umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi. 18Niyakudla inyama yamaqhawe, niphuze igazi lezikhulu zomhlaba, elezinqama, nelamawundlu, nelezimbuzi, nelezinkunzi, ezikhulupheleyo zaseBashani zonke. 19Niyakudla amanoni nize nisuthe, niphuze igazi nize nidakwe emhlatshelweni wami engiwuhlaba ngenxa yenu. 20Niyakusutha etafuleni lami ngamahhashi, nangezinqola, nangamaqhawe, nangawo onke amadoda empi,’ isho iNkosi uJehova.
21“Ngiyakubeka inkazimulo yami phakathi kwezizwe, zonke izizwe zibone isahlulelo sami engisenzileyo, nesandla sami engisibeke kuzo. 22Isiyakwazi indlu yakwa-Israyeli ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, kusukela kulolo suku kuya phambili. 23 Izizwe ziyakwazi ukuthi indlu yakwa-Israyeli yathunjwa ngenxa yobubi bayo, ngokuba baphambuka kimi, ngasitheza ubuso bami kubo; ngabanikela esandleni sezitha zabo, bawa bonke ngenkemba. 24Ngenza kubo njengokungcola kwabo nanjengezeqo zabo, ngasitheza ubuso bami kubo.
25“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJakobe, ngihawukele yonke indlu yakwa-Israyeli, ngibe nomhawu ngegama lami elingcwele. 26Bayakuthwala ihlazo labo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi, lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo, 27lapho ngibabuyisile kubantu, ngibabuthile emazweni ezitha zabo, ngingcwelisiwe emehlweni ezizwe eziningi. 28Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo ngokubathumba kwami phakathi kwezizwe, nangokuba ngababutha ezweni lakubo; angisayikushiya muntu wabo khona; 29 angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 39: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo