UHezekeli 38

38
Isiprofetho ngoGogi
1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kuGogi, izwe likaMagogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali, uprofethe ngaye, 3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali; 4 ngiyakukuguqula, ngifake izingwegwe emihlathini yakho, ngikukhiphe kanye nayo yonke impi yakho, amahhashi nabamahhashi, bonke bembethe kahle kakhulu, iviyo elikhulu elinamahawu nezihlangu, bonke bephethe izinkemba, 5iPheresiya, neKushe, noPhuthi kukanye nabo, bonke benezihlangu nezigqoko zensimbi, 6iGomere nawo onke amaviyo alo, indlu kaThogarma ngasekugcineni kwasenyakatho nawo onke amaviyo akhe, abantu abaningi kanye nawe.
7“ ‘Lungela, yebo, uzilungisele, wena nawo onke amaviyo akho abuthene kuwe, ube ngumgcini wawo. 8Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke. 9Uyakukhuphuka, ufike njengesivunguvungu, usibekele izwe njengefu, wena nawo onke amaviyo akho, nabantu abaningi kanye nawe.
10“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kuyakuthi ngalolo suku kuvele izinto enhliziyweni yakho, ucebe amacebo amabi. 11Uyakuthi: “Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala bengenalugange, kungekho kubo imigoqo nezicabha, 12ukuze uphange impango, ubamuke impahla, bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.” 13ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo zonke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: “Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla, ususe isiliva negolide, uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?” ’
14“Ngalokho profetha, ndodana yomuntu, uthi kuGogi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngalolo suku, lapho abantu bami u-Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na? 15Uyakuvela endaweni yakho ekugcineni kwasenyakatho, wena nabantu abaningi kanye nawe, bonke bekhwele amahhashi, iviyo elikhulu nempi enamandla, 16ukhuphukele ukulwa nabantu bami u-Israyeli njengefu lokusibekela izwe; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.
17 “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena unguye engakhuluma ngaye ngezinsuku zamandulo ngezandla zezinceku zami abaprofethi bakwa-Israyeli ababeprofetha ngalezo zinsuku iminyaka eminingi ukuthi ngiyakukuyisa kubo na? 18Kuyakuthi ngalolo suku lapho uGogi efika ezweni lakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova, ukufutheka kwami kukhuphukele emakhaleni ami. 19 Ngomhawu wami nangomlilo wolaka lwami ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba ngukuthuthumela okukhulu ezweni lakwa-Israyeli 20ukuba kuthuthumele phambi kwami izinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle, nazo zonke izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, nabo bonke abantu abasebusweni bomhlaba, izintaba zidilizelwe phansi, amawa awe, nezingange zonke ziwele phansi. 21Ngiyakumbizela inkemba kuzo zonke izintaba zami, isho iNkosi uJehova, inkemba yalowo nalowo imelane nomfowabo. 22 Ngiyakumahlulela ngesifo nangegazi, nginise phezu kwakhe, namaviyo akhe, nabantu abaningi abanaye, imvula ekhukhulayo, namatshe esichotho, nomlilo, nesibabule. 23Ngiyakuzenza mkhulu, ngizingcwelise, ngizazise emehlweni ezizwe eziningi, zazi ukuthi nginguJehova.’

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 38: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo