UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, ethi: “Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini. Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu; uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu. Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini; niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa. Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo. Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo. Ningashiyi lutho kuze kube sekuseni; kepha okusele kulo kuze kube sekuseni nizakukushisa ngomlilo. Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova. “ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova. Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe. “ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.
Funda U-Eksodusi 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 12:1-14
3 Days
When darkness surrounds you, how should you respond? For the next 3 days, immerse yourself in the Easter story and discover how to hold onto hope when you feel forsaken, alone, or unworthy.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo