U-Eksodusi 12

12
Ukumiswa komkhosi wephasika
1UJehova wayesekhuluma kuMose naku-Aroni ezweni laseGibithe, ethi: 2“Le nyanga iyakuba kini inhloko yezinyanga, ibe yinyanga yokuqala emnyakeni kini. 3Khulumani kuyo inhlangano yonke yakwa-Israyeli, nithi: ‘Ngolweshumi lwale nyanga yilowo nalowo makazithathele iwundlu ngokwezindlu zawoyise, kube yiwundlu ngendlu; 4uma abomuzi bengalaneli iwundlu, wolithatha nomakhelwane wakhe oseduze nomuzi wakhe njengenani labantu; kulelo nalelo wundlu anobala inani elithile njengokudla kwalowo nalowo muntu. 5Iwundlu malingabi nasici, libe ngeleduna, libe nomnyaka munye, nilithathe ezimvini noma ezimbuzini; 6 niyakuligcina kuze kube sosukwini lweshumi nane lwaleyo nyanga; ibandla lonke lenhlangano yakwa-Israyeli liyakulihlaba ngakusihlwa. 7Bazakuthabatha igazi, balibhece ezinsikeni zombili zomnyango nasekhothameni lomnyango ezindlini abayakulidlela kuzo. 8 Bazakuyidla inyama ngalobo busuku, yosiwe ngomlilo; bayakuyidla kanye nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo. 9Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo. 10Ningashiyi lutho kuze kube sekuseni; kepha okusele kulo kuze kube sekuseni nizakukushisa ngomlilo. 11Niyakulidla kanje: izinkalo zenu ziboshiwe, izicathulo zenu zisezinyaweni zenu, nezindondolo zenu zisezandleni zenu; niyakulidla ngokushesha; kuyiphasika likaJehova.
12 “ ‘Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe, abantu nezinkomo, ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova. 13Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.
14“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade. 15 Izinsuku eziyisikhombisa niyakudla isinkwa esingenamvubelo; yebo, ngosuku lokuqala noyikhipha imvubelo ezindlini zenu, ngokuba bonke abadla okuvutshelweyo, kusukela osukwini lokuqala kuze kufike usuku lwesikhombisa, labo bantu bayakunqunywa kwa-Israyeli. 16Ngosuku lokuqala niyakuba nomhlangano ongcwele, nangosuku lwesikhombisa nibe nomhlangano ongcwele; kungasetshenzwa ngazo, kuphela okudliwa ngabantu bonke; lokhu kodwa makwenziwe yinina.
17“ ‘Niyakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo, ngokuba ngalona lolo suku ngikhiphile amabandla enu ezweni laseGibithe; ngalokho anogcina lolu suku ezizukulwaneni zenu zonke ngokomthetho waphakade. 18 Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa niyakudla isinkwa esingenamvubelo, kuze kufike usuku lwamashumi amabili nanye lwenyanga ngakusihlwa. 19Izinsuku eziyisikhombisa akuyikutholakala mvubelo ezindlini zenu, ngokuba yilowo nalowo odlayo okuvutshelweyo yena uyakunqunywa ebandleni lakwa-Israyeli, noma engumfokazi noma engowokuzalwa ezweni. 20Ningadli lutho oluvutshelweyo; ezindlini zenu zonke anodla isinkwa esingenamvubelo.’ ”
21 UMose wayesebiza amalunga akwa-Israyeli, wathi kuwo: “Hambani nizithathele amawundlu ngokwemindeni yenu, nihlabe iphasika. 22Nothatha isithungu sehisopi,* nisicwilise egazini elisemcengezini, nibhece ikhothamo nezinsika zombili zomnyango ngegazi elisemcengezini; akuyikuphuma muntu emnyango waleyo ndlu kuze kube sekuseni. 23Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.
24“Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade. 25Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe. 26Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’ 27nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka. 28Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
Amazibulo abaseGibithe ayabulawa
29 Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo. 30UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.
31Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo. 32Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”
33AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.” 34Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwe ezingutsheni zabo emahlombe abo. 35 Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo. 36UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.
Abakwa-Israyeli basuka eGibithe
37 Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana. 38Kwenyuka nabo ingxubevange yabantu, nezimvu, nezinkomo, imfuyo eningi kakhulu. 39Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.
40 Ukuhlala kwabantwana bakwa-Israyeli abakuhlalayo eGibithe kwakuyiminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu. 41Kwathi ekupheleni kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, kwathi ngalona lolo suku, amabandla onke kaJehova aphuma ezweni laseGibithe. 42Kungubusuku obuzakugcinelwa uJehova ngokubakhipha kwakhe ezweni laseGibithe, ngubusuku bukaJehova obuzakugcinwa yibo bonke abantwana bakwa-Israyeli ezizukulwaneni zabo.
Umthetho wephasika
43UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Lokhu kungumthetho wephasika: owezizwe makangalidli; 44kepha zonke izigqila ezithengwa ngumuntu ngemali mazilidle, uma zisokiwe. 45Izihambi noqashiweyo mabangalidli.
46 “Liyakudliwa endlini inye; ungaphumisi lutho lwenyama ngaphandle kwendlu; ningaphuli thambo lalo. 47Ibandla lonke lakwa-Israyeli liyakukugcina lokhu.
48“Nxa umfokazi ogogobeleyo kuwe ezakumgcinela uJehova iphasika, mabasoke bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine, abe njengowokuzalwa ezweni; kepha malingadliwa muntu ongasokiwe. 49Mawube munye umthetho kowokuzalwa ekhaya nakumfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu.”
50Benza kanjalo bonke abantwana bakwa-Israyeli; njengalokho ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke. 51Kwathi ngalona lolo suku uJehova wakhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.

Okuqokiwe okwamanje:

U-Eksodusi 12: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo