U-Amose 7

7
Umbono ngezinkumbi
1INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi. 2Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
3UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.
Umbono ngomlilo eqedayo
4Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova. 5Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”
6UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.
Umbono ngentambo yomthofu
7 Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe. 8 UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?”
Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.”
Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.
9 “Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa,
nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa,
ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”
O-Amasiya no-Amose
10U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe. 11Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi:
“UJerobowamu uyakufa ngenkemba,
u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”
12 U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona; 13ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”
14 Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe. 15Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’ 16Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi:
“ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli,
ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’
17 “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:
“ ‘Umkakho uyakufeba emzini,
namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba,
nezwe liyakudatshulwa ngentambo;
wena uyakufela ezweni elingcolileyo,
u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Amose 7: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo