U-Amose 6

6
Ukuchithwa kweSamariya
1Wo kwabazinzileyo eSiyoni,
nabalondekile entabeni yaseSamariya,
abaqhamileyo besokuqala sezizwe,
efika kubo indlu yakwa-Israyeli!
2Dlulelani eKaline, nibone;
nisuke lapho, niye eHamati elikhulu,
bese nehlela eGati lamaFilisti;
bahle kunale mibuso yini,
umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?
3 nina enidedisela kude usuku olubi,
kepha nisondezile isihlalo sobudlova.
4Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,
bacambalala ezinkukhweni zabo;
badla amawundlu omhlambi
namathole avela phakathi kwesibaya.
5 Bahaya ngomsindo wogubhu,
baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.
6Baphuza imikhele yewayini,
bazigcoba ngamafutha amahle,
kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
7Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,
kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8 INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:
“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,
ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;
ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”
9Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe. 10 Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”
11Ngokuba bhekani,
uJehova uyayaleza:
uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,
nendlu encane ibe yizingcezu.
12 Amahhashi ayagijima emadwaleni,
kulinywa elwandle ngezinkabi, na?
Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu,
nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,
13 nina enithokoza ngento engelutho,
nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”
14 “Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe
nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti;
“bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati
kuze kube semfuleni wase-Araba.”

Okuqokiwe okwamanje:

U-Amose 6: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo