AmaHubo 61

61
Ukucelela inkosi isibusiso
Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.
1Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,
ulalele umkhuleko wami.
2Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,
lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;
ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.
3 Ngokuba ubuyisiphephelo sami,
inqaba eqinileyo ngakuso isitha.
4 Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;
ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*
5Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,
wabanika ifa abalesaba igama lakho.
6 Uyakweleka izinsuku ezinsukwini zenkosi;
iminyaka yayo iyakuba njengezizukulwane nezizukulwane.
7Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade;
yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.
8Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade,
ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 61: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın