AmaHubo 43

43
Ukukhuleka kuNkulunkulu, umahluleli wezinto zonke
1 Ngahlulele, Nkulunkulu ungimele endabeni yami esizweni esingenamusa,
ngikhulule kumuntu wenkohliso nongenakulunga.
2 Ngokuba wena Nkulunkulu uyisiphephelo sami;
ungilahleleni na?
Ngihambelani ngilila,
ngicindezelwe yisitha, na?
3 Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,
kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele
nasezindlini zakho,
4 ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,
kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,
ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.
5 Yini ukuba udangale,
mphefumulo wami,
uyaluze phakathi kwami, na?
ngisezakumdumisa yena
oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 43: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın