AmaHubo 127

127
Zonke izibusiso zivela kuJehova
Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni.
1 Uma uJehova engayakhi indlu,
basebenzela ize abayakhayo;
uma uJehova engalondolozi umuzi,
umlindi wawo ulindela ize.
2 Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,
nephuze ukuphumula,
nidle isinkwa sezinhlupheko,
ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.
3 Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,
isithelo sesisu singumvuzo.
4Njengemicibisholo esandleni seqhawe
banjalo abantwana bobusha.
5Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;
abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Seçili Olanlar:

AmaHubo 127: ZUL59

Vurgu

Kopyala

Karşılaştır

Paylaş

None

Önemli anlarınızın tüm cihazlarınıza kaydedilmesini mi istiyorsunuz? Kayıt olun ya da giriş yapın