YouVersion Logo
Search Icon

URuthe 4

4
UBowazi uyamthatha uRuthe abe ngumkakhe
1UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi. 2Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: “Hlalani phansi lapha.” Ahlala. 3Wayesethi kuye umhlengi: “UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki; 4 bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.”
Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”
5Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.”
6Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”
7Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.
8Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.
9UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi. 10NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”
11 Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema; 12 indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”
13 UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. 14Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli. 15 Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”
16UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe. 17Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.
URuthe ukhokho kaDavide
18 Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi; 19 uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba; 20u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni; 21uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede; 22 u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.

Currently Selected:

URuthe 4: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy