YouVersion Logo
Search Icon

UZefaniya 3

3
IJerusalema elikhona nelizayo
1Wo kohlubukileyo nongcolileyo,
muzi ocindezelayo!
2 Awuzwa zwi,
awamukeli ukulaywa,
awumethembi uJehova,
awusondelanga kuNkulunkulu wawo.
3 Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo;
abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa;
abashiyeli lutho ingomuso.
4 Abaprofethi bawo bangamayiyane nabakhohlisi;
abapristi bawo bayingcolisile indlu engcwele,
bawudlovulile umthetho.
5 UJehova ulungile phakathi kwawo,
akenzi okubi;
ekuseni njalo uveza ukwahlulela kwakhe ekukhanyeni,
akuphuthi;
kepha abangalungile abazi amahloni.
6“Nginqumile izizwe,
imibhoshongo yazo yasezingosini ichithekile;
ngichithile izitaladi zazo ukuze kungadluli muntu;
imizi yazo iqothuliwe ukuze kungabikho muntu,
kungabikho ohlala kuyo.
7Ngathi: ‘Nokho uyakungesaba,
wamukele ukulaywa.’
Indawo yawo yokuhlala ayiyikunqunywa,
kungenzeki konke engiwumisele khona;
kepha bavuka ekuseni, benza okubi.
8 Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova,
“kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange,
ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso,
ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami,
lonke ulaka lwami oluvuthayo,
ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.
9 “Ngokuba lapho ngiyakunika abantu izindebe ezihlanzekileyo,
ukuze bonke babize igama likaJehova,
bamkhonze nganhliziyonye.
10Kusukela phesheya kwemifula yaseKushe
abanxusa kimi, indodakazi yabahlakazekileyo bami,
bayakuletha umnikelo wami.
11Ngalolo suku awusayikuba namahloni ngazo zonke izenzo zakho
ophambuke ngazo kimi,
ngokuba khona ngiyakususa phakathi kwakho
abazidla ngokujabula,
awusayikuziphakamisa entabeni yami engcwele.
12 Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu;
bayakwethemba igama likaJehova.
13 Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi,
ingakhulumi amanga,
kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo;
yebo, bayakwaluka, babuthise,
kungekho obesabisayo.”
14 Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni,
umemeze, Israyeli,
uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke,
ndodakazi yaseJerusalema.
15 UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho,
uxoshile izitha zakho.
INkosi yakwa-Israyeli, uJehova,
iphakathi kwakho;
awusayikwesaba okubi.
16Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema:
“Ungesabi, Siyoni!
Izandla zakho mazingadangali.
17 UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,
iqhawe eliyakukusindisa;
uyakujabula ngawe ngentokozo,
athule othandweni lwakhe,
ethabe ngawe ngokuhlabelela.”
18“Abadabuka ngemikhosi ngiyakubabutha,
ababahlukene nawe,
usathwele ihlazo.
19 Bhekani, ngaleso sikhathi ngiyakuphatha bonke abakuhluphayo,
ngisindise abaqhugayo,
ngibuthe abaxoshiweyo,
ngibenze indumiso negama
abahlazo labo lalisemhlabeni wonke.
20 Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa,
ngaleso sikhathi ngiyakunibutha,
ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso
phakathi kwabantu bonke bomhlaba,
lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu
phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.

Currently Selected:

UZefaniya 3: ZUL59

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy