Sesha Imiphumela ye: self-control

KwabaseGalathiya 5:23 (ZUL59)

nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.

KwabaseGalathiya 5:22 (ZUL59)

Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,

KwabaseGalathiya 5:16 (ZUL59)

Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.

KwabaseGalathiya 5:24 (ZUL59)

Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.

1 kwabaseKorinte 9:25 (ZUL59)

Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.

1 kwabaseKorinte 9:27 (ZUL59)

Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

KwabaseGalathiya 5:17 (ZUL59)

Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.

KwabaseGalathiya 5:18 (ZUL59)

Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.

KwabaseGalathiya 5:19 (ZUL59)

Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,

KwabaseGalathiya 5:20 (ZUL59)

nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,

KwabaseGalathiya 5:21 (ZUL59)

nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.

KwabaseGalathiya 5:25 (ZUL59)

Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.

KwabaseGalathiya 5:26 (ZUL59)

Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.

1 kwabaseThesalonika 5:6 (ZUL59)

ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.

1 kwabaseThesalonika 5:7 (ZUL59)

Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;

1 kwabaseThesalonika 5:8 (ZUL59)

kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;

KuThithu 2:11 (ZUL59)

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;

KuThithu 2:12 (ZUL59)

uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,

KuThithu 2:13 (ZUL59)

sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu

1 kaPetru 4:7 (ZUL59)

Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;

1 kaPetru 4:9 (ZUL59)

anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,

2 kaPetru 1:5 (ZUL59)

ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,

2 kaPetru 1:6 (ZUL59)

nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu,

2 kaPetru 1:7 (ZUL59)

nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.

2 kaPetru 1:8 (ZUL59)

Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,