Sesha Imiphumela ye: self-control
KwabaseGalathiya 5:23 (ZUL59)
nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
KwabaseGalathiya 5:22 (ZUL59)
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
KwabaseGalathiya 5:16 (ZUL59)
Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
KwabaseGalathiya 5:24 (ZUL59)
Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
1 kwabaseKorinte 9:25 (ZUL59)
Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo.
1 kwabaseKorinte 9:27 (ZUL59)
Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
KwabaseGalathiya 5:17 (ZUL59)
Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
KwabaseGalathiya 5:18 (ZUL59)
Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
KwabaseGalathiya 5:19 (ZUL59)
Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,
KwabaseGalathiya 5:20 (ZUL59)
nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
KwabaseGalathiya 5:21 (ZUL59)
nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
KwabaseGalathiya 5:25 (ZUL59)
Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
KwabaseGalathiya 5:26 (ZUL59)
Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.
1 kwabaseThesalonika 5:6 (ZUL59)
ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
1 kwabaseThesalonika 5:7 (ZUL59)
Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;
1 kwabaseThesalonika 5:8 (ZUL59)
kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;
KuThithu 2:11 (ZUL59)
Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;
KuThithu 2:12 (ZUL59)
uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,
KuThithu 2:13 (ZUL59)
sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu
1 kaPetru 4:7 (ZUL59)
Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;
1 kaPetru 4:9 (ZUL59)
anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,
2 kaPetru 1:5 (ZUL59)
ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,
2 kaPetru 1:6 (ZUL59)
nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu,
2 kaPetru 1:7 (ZUL59)
nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
2 kaPetru 1:8 (ZUL59)
Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini zivama, ziyanenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Kristu,