Sesha Imiphumela ye: mercy

KumaHeberu 4:16 (ZUL59)

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

EkaJakobe 2:13 (ZUL59)

Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.

IsiLilo 3:22 (ZUL59)

ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.

IsiLilo 3:23 (ZUL59)

Busha ekuseni njalo; ukuthembeka kwakho kukhulu.

Kwabase-Efesu 2:4 (ZUL59)

Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,

Kwabase-Efesu 2:5 (ZUL59)

sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe –

AmaHubo 51:1 (ZUL59)

Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.

Kwabase-Efesu 2:8 (ZUL59)

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;

NgokukaLuka 6:36 (ZUL59)

Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

KuThithu 3:5 (ZUL59)

wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,

AmaHubo 51:2 (ZUL59)

Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.

IsiLilo 3:24 (ZUL59)

UJehova uyisabelo sami, usho umphefumulo wami; ngakho ngiyakwethemba kuye.

UMika 6:8 (ZUL59)

Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?

NgokukaLuka 6:35 (ZUL59)

Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.

KwabaseRoma 9:15 (ZUL59)

Ngokuba kuMose uthi: “Ngizakumhawukela engimhawukelayo, ngimzwele engimzwelayo.”

KwabaseRoma 9:16 (ZUL59)

Ngakho-ke akuyi ngentando nangokuzikhathaza komuntu, kodwa kuya ngokuhawukela kukaNkulunkulu.

Kwabase-Efesu 2:6 (ZUL59)

wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,

1 kuThimothewu 1:16 (ZUL59)

kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uJesu Kristu abonakalise kimi engingesikhulu konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kwabazakukholwa nguye, baze babe nokuphila okuphakade.

KumaHeberu 4:15 (ZUL59)

Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.

EkaJakobe 2:12 (ZUL59)

Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.

1 kaPetru 1:3 (ZUL59)

Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,

AmaHubo 103:8 (ZUL59)

UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

AmaHubo 103:10 (ZUL59)

Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.

AmaHubo 103:11 (ZUL59)

Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

AmaHubo 103:12 (ZUL59)

Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.