Sesha Imiphumela ye: hope
KwabaseRoma 15:13 (ZUL59)
UNkulunkulu wethemba makanigcwalise ngenjabulo yonke nangokuthula konke ekukholweni, ukuze nivame ethembeni ngamandla kaMoya oNgcwele.
KwabaseRoma 5:5 (ZUL59)
ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.
KwabaseRoma 5:3 (ZUL59)
Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela,
KwabaseRoma 5:4 (ZUL59)
ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba;
KwabaseRoma 12:12 (ZUL59)
ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;
KumaHeberu 11:1 (ZUL59)
Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.
1 kwabaseKorinte 13:13 (ZUL59)
Manje-ke kumi ukukholwa, nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu; kepha okukhulu kulokho luthando.
UJeremiya 29:11 (ZUL59)
Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
KwabaseRoma 8:28 (ZUL59)
Siyazi ukuthi kwabamthandayo uNkulunkulu konke kusebenzelana kube ngokuhle, kulabo ababiziweyo ngecebo lakhe.
U-Isaya 40:31 (ZUL59)
kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
1 kwabaseKorinte 13:7 (ZUL59)
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
2 kwabaseKorinte 4:18 (ZUL59)
thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.
NgokukaJohane 16:33 (ZUL59)
“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”
KwabaseRoma 8:18 (ZUL59)
Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
KwabaseRoma 8:26 (ZUL59)
Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa;
AmaHubo 27:14 (ZUL59)
Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.
UJeremiya 29:13 (ZUL59)
Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
KwabaseRoma 8:24 (ZUL59)
Ngokuba ethembeni sisindisiwe; kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba; ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?
KwabaseRoma 8:25 (ZUL59)
Kodwa uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.
KumaHeberu 6:19 (ZUL59)
esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,
KwabaseRoma 15:4 (ZUL59)
Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.
KumaHeberu 10:23 (ZUL59)
masibambisise isivumo sethemba lethu singaxegi, ngokuba ukholekile lowo owethembisayo;
KwabaseRoma 5:2 (ZUL59)
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
U-Isaya 41:10 (ZUL59)
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
AmaHubo 42:11 (ZUL59)
Yini ukuba udangale, mphefumulo wami, uyaluze phakathi kwami, na? Methembe uNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa yena oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.