Sesha Imiphumela ye: grace
Kwabase-Efesu 2:8 (ZUL59)
Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;
2 kwabaseKorinte 12:9 (ZUL59)
Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.
Kwabase-Efesu 2:9 (ZUL59)
akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
KumaHeberu 4:16 (ZUL59)
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Kwabase-Efesu 2:10 (ZUL59)
Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.
KwabaseRoma 3:23 (ZUL59)
ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;
1 kaPetru 5:10 (ZUL59)
Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.
KwabaseRoma 5:8 (ZUL59)
kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
KwabaseRoma 8:1 (ZUL59)
Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.
KwabaseRoma 12:3 (ZUL59)
Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
Kwabase-Efesu 2:5 (ZUL59)
sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe –
KuThithu 2:11 (ZUL59)
Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;
KuThithu 2:12 (ZUL59)
uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,
Kwabase-Efesu 2:4 (ZUL59)
Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,
KwabaseRoma 3:24 (ZUL59)
balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,
2 kwabaseKorinte 12:10 (ZUL59)
Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
KwabaseRoma 5:20 (ZUL59)
Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,
Kwabase-Efesu 1:7 (ZUL59)
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe
Kwabase-Efesu 2:7 (ZUL59)
kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.
2 kuThimothewu 1:9 (ZUL59)
owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,
NgokukaJohane 1:16 (ZUL59)
Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.
1 kwabaseKorinte 15:10 (ZUL59)
Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
Kwabase-Efesu 2:6 (ZUL59)
wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,
EkaJakobe 4:6 (ZUL59)
Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
NgokukaJohane 1:17 (ZUL59)
Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.