Sesha Imiphumela ye: grace

Kwabase-Efesu 2:8 (ZUL59)

Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu;

2 kwabaseKorinte 12:9 (ZUL59)

Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami.

Kwabase-Efesu 2:9 (ZUL59)

akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.

KumaHeberu 4:16 (ZUL59)

Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.

Kwabase-Efesu 2:10 (ZUL59)

Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

KwabaseRoma 3:23 (ZUL59)

ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;

1 kaPetru 5:10 (ZUL59)

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKristu, senihluphekile isikhashana, yena uqobo uyakuniphelelisa, aniqinise, aninike amandla, anisekele.

KwabaseRoma 5:8 (ZUL59)

kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

KwabaseRoma 8:1 (ZUL59)

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.

KwabaseRoma 12:3 (ZUL59)

Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.

Kwabase-Efesu 2:5 (ZUL59)

sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe –

KuThithu 2:11 (ZUL59)

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke;

KuThithu 2:12 (ZUL59)

uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje,

Kwabase-Efesu 2:4 (ZUL59)

Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo,

KwabaseRoma 3:24 (ZUL59)

balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu,

2 kwabaseKorinte 12:10 (ZUL59)

Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

KwabaseRoma 5:20 (ZUL59)

Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi,

Kwabase-Efesu 1:7 (ZUL59)

esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe

Kwabase-Efesu 2:7 (ZUL59)

kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu.

2 kuThimothewu 1:9 (ZUL59)

owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,

NgokukaJohane 1:16 (ZUL59)

Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

1 kwabaseKorinte 15:10 (ZUL59)

Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.

Kwabase-Efesu 2:6 (ZUL59)

wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu,

EkaJakobe 4:6 (ZUL59)

Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”

NgokukaJohane 1:17 (ZUL59)

Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.