Sesha Imiphumela ye: comfort

2 kwabaseKorinte 1:4 (ZUL59)

osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte 1:3 (ZUL59)

Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,

AmaHubo 23:4 (ZUL59)

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.

2 kwabaseKorinte 1:5 (ZUL59)

Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.

U-Isaya 41:10 (ZUL59)

ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.

AmaHubo 94:19 (ZUL59)

Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.

NgokukaMathewu 11:28 (ZUL59)

“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.

NgokukaMathewu 11:29 (ZUL59)

Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.

NgokukaJohane 14:27 (ZUL59)

Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

2 kwabaseKorinte 1:6 (ZUL59)

Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.

2 kwabaseKorinte 1:7 (ZUL59)

Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

AmaHubo 23:1 (ZUL59)

UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.

AmaHubo 23:3 (ZUL59)

Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.

AmaHubo 94:18 (ZUL59)

Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.

AmaHubo 34:18 (ZUL59)

UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.

2 kwabaseThesalonika 2:16 (ZUL59)

Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

AmaHubo 23:2 (ZUL59)

Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.

AmaHubo 23:5 (ZUL59)

Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.

AmaHubo 23:6 (ZUL59)

Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.

NgokukaMathewu 6:25 (ZUL59)

“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?

NgokukaMathewu 6:33 (ZUL59)

Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.

NgokukaMathewu 6:34 (ZUL59)

Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.

NgokukaMathewu 7:7 (ZUL59)

“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

NgokukaMathewu 11:30 (ZUL59)

Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

NgokukaMathewu 28:20 (ZUL59)

nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”