Sesha Imiphumela ye: comfort
2 kwabaseKorinte 1:4 (ZUL59)
osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
2 kwabaseKorinte 1:3 (ZUL59)
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke,
AmaHubo 23:4 (ZUL59)
Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
2 kwabaseKorinte 1:5 (ZUL59)
Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu.
U-Isaya 41:10 (ZUL59)
ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
AmaHubo 94:19 (ZUL59)
Kubo ubuninginingi bemicabango yenhliziyo yami ukududuza kwakho kwathokozisa umphefumulo wami.
NgokukaMathewu 11:28 (ZUL59)
“Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.
NgokukaMathewu 11:29 (ZUL59)
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo.
NgokukaJohane 14:27 (ZUL59)
Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.
2 kwabaseKorinte 1:6 (ZUL59)
Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi.
2 kwabaseKorinte 1:7 (ZUL59)
Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.
AmaHubo 23:1 (ZUL59)
UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
AmaHubo 23:3 (ZUL59)
Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.
AmaHubo 94:18 (ZUL59)
Lapho ngithe unyawo lwami luyashelela, umusa wakho, Jehova, wangiphasa.
AmaHubo 34:18 (ZUL59)
UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
2 kwabaseThesalonika 2:16 (ZUL59)
Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,
AmaHubo 23:2 (ZUL59)
Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; uyangiyisa ngasemanzini okuphumula.
AmaHubo 23:5 (ZUL59)
Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami; ugcoba ikhanda lami ngamafutha; indebe yami iyachichima.
AmaHubo 23:6 (ZUL59)
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade.
NgokukaMathewu 6:25 (ZUL59)
“Ngalokho-ke ngithi kini: Ningakhathazeki ngokuphila kwenu ukuthi niyakudlani noma niyakuphuzani, nangomzimba wenu ukuthi niyakwembathani. Ukuphila akukukhulu kunokudla nomzimba kunesambatho na?
NgokukaMathewu 6:33 (ZUL59)
Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
NgokukaMathewu 6:34 (ZUL59)
Ningakhathazeki ngengomuso, ngokuba ingomuso iyakukhathalela okwayo. Inkathazo yosuku yanele lona.
NgokukaMathewu 7:7 (ZUL59)
“Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
NgokukaMathewu 11:30 (ZUL59)
Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
NgokukaMathewu 28:20 (ZUL59)
nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”