Sesha Imiphumela
NgokukaJohane 3:16 (ZUL59)
“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
KwabaseRoma 5:8 (ZUL59)
kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.
1 kwabaseKorinte 13:4 (ZUL59)
Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;
1 kwabaseKorinte 13:5 (ZUL59)
aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;
1 kwabaseKorinte 13:6 (ZUL59)
aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso;
1 kwabaseKorinte 13:7 (ZUL59)
lubekezelela izinto zonke, lukholwa yizinto zonke, luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke.
NgokukaLuka 6:35 (ZUL59)
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
1 kaJohane 4:8 (ZUL59)
Ongathandiyo akamazi uNkulunkulu, ngokuba uNkulunkulu uluthando.
1 kaJohane 4:9 (ZUL59)
Uthando lukaNkulunkulu lwabonakaliswa kithi ngalokho ukuthi uNkulunkulu wathumela ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba siphile ngayo.
1 kaJohane 4:10 (ZUL59)
Uthando lukulokhu, kungesikho ukuthi thina samthanda uNkulunkulu, kepha ukuthi yena wasithanda thina, wathuma iNdodana yakhe ibe yinhlawulo ngezono zethu.
1 kaJohane 4:19 (ZUL59)
Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.
KwabaseRoma 8:38 (ZUL59)
Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla,
KwabaseRoma 8:39 (ZUL59)
nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.
2 kaJohane 1:6 (ZUL59)
Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.
KwabaseRoma 13:10 (ZUL59)
Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
KumaHeberu 13:1 (ZUL59)
Malume njalo uthando lobuzalwane.
KwabaseRoma 12:9 (ZUL59)
Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;
2 uSamuweli 1:26 (ZUL59)
“Ngidabukile ngawe mfowethu Jonathani; wawumnandi kakhulu kimi; lwaluyisimangaliso kimi uthando lwakho, ludlula uthando lwabesifazane.
NgokukaMathewu 24:12 (ZUL59)
Ngenxa yokwanda kokubi kuzakuphola uthando lwabaningi.
KumaHeberu 10:24 (ZUL59)
masiqaphelane, ukuze kuvuswe uthando nemisebenzi emihle,
IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:10 (ZUL59)
Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!
KwabaseKolose 3:14 (ZUL59)
Kepha phezu kwakho konke lokho yembathani uthando oluyisibopho sokuphelela.
1 kwabaseKorinte 16:24 (ZUL59)
Uthando lwami alube nani nonke kuKristu Jesu.
2 kaPetru 1:7 (ZUL59)
nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
IsAmbulo 2:4 (ZUL59)
“Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uluyekile uthando lwakho lwakuqala;