Sesha Imiphumela

IsAmbulo 9:6 (ZUL59)

Ngaleyo mihla abantu bayakufuna ukufa, bangaze bakufumana; futhi bayakufisa ukufa, kepha ukufa kubabalekele.

UJobe 3:21 (ZUL59)

abalinda ukufa kungafiki, abakumba kunengcebo;

KwabaseFilipi 1:21 (ZUL59)

Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo.

AmaHubo 116:15 (ZUL59)

Kuyigugu emehlweni kaJehova ukufa kwabangcwele bakhe.

NgokukaMathewu 26:66 (ZUL59)

Nithini na?” Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”

2 kwabaseKorinte 4:12 (ZUL59)

Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.

UHezekeli 28:8 (ZUL59)

Bayakukwehlisela egodini, ufe ukufa kwabagwaziweyo enhliziyweni yolwandle.

KwabaseRoma 5:12 (ZUL59)

Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile;

NgokukaJohane 12:33 (ZUL59)

Lokho-ke wakusho efanekisa ukufa okumfanele afe ngakho.

IzAga 8:36 (ZUL59)

Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe; bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

IzAga 18:21 (ZUL59)

Ukufa nokuphila kusemandleni olimi, nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.

IzEnzo 25:11 (ZUL59)

Kepha uma ngonile ngenza utho olufanele ukufa, angali ukufa; kodwa uma kungekho lutho lwalokho laba abangimangalela ngakho, akakho onganginikela kubo. Ngilidlulisela kuKesari.”

NgokukaMarku 14:64 (ZUL59)

Senikuzwile ukuhlambalaza; nithini na?” Bamlahla bonke ngokuthi ufanele ukufa.

KumaHeberu 9:16 (ZUL59)

Ngokuba lapho kukhona itestamente*, kufuneka ukuba kubikwe ukufa kowalenzayo;

EkaJakobe 1:15 (ZUL59)

uma inkanuko isithathile, ibeletha isono; nesono sesiphelelisiwe, sizala ukufa.

UDuteronomi 21:22 (ZUL59)

“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,

UDuteronomi 30:15 (ZUL59)

“Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi,

NgokukaLuka 2:26 (ZUL59)

Kwakubonakalisiwe kuye ngoMoya oNgcwele ukuthi akayikubona ukufa engakamboni uKristu weNkosi.

KwabaseRoma 6:9 (ZUL59)

sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.

1 kwabaseKorinte 15:21 (ZUL59)

Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nakho kweza ngomuntu.

IsAmbulo 20:14 (ZUL59)

Ukufa neHayidese* kwaphonswa echibini lomlilo. Lokhu kungukufa kwesibili, ichibi lomlilo.

UHezekeli 18:32 (ZUL59)

Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.”

UJobe 18:13 (ZUL59)

Amalungu omzimba wakhe ayakudliwa, yebo, ukufa okwesabekayo kuyakudla amalungu akhe.

NgokukaLuka 24:20 (ZUL59)

ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.

KumaHeberu 2:15 (ZUL59)

abakhulule bonke labo abathi ngokwesaba ukufa ekuhambeni kwabo konke babeboshelwe ebugqileni.