Sesha Imiphumela
UJeremiya 33:6 (ZUL59)
“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi.
AbAhluleli 18:15 (ZUL59)
Baphambuka khona, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMika, bayibuza impilo.
U-Eksodusi 18:7 (ZUL59)
UMose waphuma ukumhlangabeza umukhwe wakhe, wamkhothamela, wamanga; babuzana impilo, bangena etendeni.
UGenesise 43:27 (ZUL59)
Wabuza impilo yabo, wathi: “Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?”
1 uSamuweli 17:18 (ZUL59)
uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.”
UGenesise 45:5 (ZUL59)
Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo.
2 uSamuweli 11:7 (ZUL59)
Esefikile kuye u-Uriya, uDavide wabuza kuye impilo yakhe, nempilo yabantu, nokuthi impi ihamba kanjani.
UJeremiya 8:22 (ZUL59)
Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?
U-Esteri 2:11 (ZUL59)
UMoridekayi wayehamba zonke izinsuku phambi kwegceke lendlu yabesifazane ukuba azi impilo ka-Esteri nokuthi kwenziwe njani kuye.
IsiLilo 3:58 (ZUL59)
Nkosi, umela indaba yomphefumulo wami, uyahlenga ukuphila kwami.
IzAga 1:19 (ZUL59)
Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
IzAga 1:18 (ZUL59)
Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
AmaHubo 7:5 (ZUL59)
isitha masiwuzingele umphefumulo wami, siwufice, sikunyathele phansi ukuphila kwami, nesithunzi sami sisilahle phansi othulini. Sela*
U-Amose 2:14 (ZUL59)
Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.
EkaJakobe 4:14 (ZUL59)
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
IzAga 15:30 (ZUL59)
Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
AmaHubo 22:20 (ZUL59)
Sindisa umphefumulo wami enkembeni, ukuphila kwami emandleni ezinja.
U-Amose 2:15 (ZUL59)
Obambe umnsalo akayikuma; onejubane ngezinyawo zakhe kayikuzikhulula, nokhwele ihhashi akayikuzikhulula;
UJobe 10:12 (ZUL59)
Ungenzele ukuphila nomusa; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
1 AmaKhosi 1:12 (ZUL59)
Ngalokho woza ngikululeke ukuba usindise ukuphila kwakho nokuphila kwendodana yakho uSolomoni.
IsiLilo 5:9 (ZUL59)
Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.
IzAga 6:32 (ZUL59)
Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
IzAga 12:10 (ZUL59)
Olungileyo uyakunaka ukuphila kwesilwane sakhe, kepha isihhe sababi silunya.
AmaHubo 119:88 (ZUL59)
Ngiphilise ngokomusa wakho, ukuze ngigcine ubufakazi bomlomo wakho.
IzAga 3:16 (ZUL59)
Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene, nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.