Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele Isampula

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

USUKU 20 KWEZINGU- 30

Isivumelwano esinenjongo emhlabeni akumele sithathwe njengesisho sokuzimisela kusengaphambili ukuvumelana ndawonye ukugasela inqaba kaNkulunkulu ngamandla aze ahoxe. Akulungile neze ukuvumelana kusengaphambili ngalokho esikufunayo, bese siya kuNkulunkulu futhi silinde, andukubA aze asinike umqondo waKhe mayelana nendaba, kodwa kuze kube yilapho sikhipha kuYe imvume yokwenza lokho esasinqume ukukwenza ngaphambi kokuba sithandaze; kufanele sivume ukucela uNkulunkulu ukuba adlulisele ingqondo Yakhe kanye nencazelo Yakhe kithi mayelana nalolu daba.

Isivumelwano esinenjongo emhlabeni akukhona ukwethulwa esidlangalaleni kokuncenga okuphikelelayo okungenamkhawulo, kodwa umthandazo oqaphelayo ukuthi unqunyelwe isimo sokuziphatha sikaMoya oNgcwele. Ngempela “kuyavunyelwana” emhlabeni noBaba wethu osezulwini.

Umbuzo Wokuzindla: Ingabe ithemba lami kuNkulunkulu lisekelwe emandleni ami okuthola kuye lokho engikufunayo noma emandleni kaNkulunkulu okunginika lokho engikudingayo?

Izingcaphuno ezithathwe ku-Christian Disciplines, © Discovery House Publisher

Mayelana naloluHlelo

Oswald Chambers: Hope - A Holy Promise

Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.

More

We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org