Oswald Chambers: Ithemba - Isithembiso Esingcwele Isampula

Izinkanyezi zenza umsebenzi wazo ngaphandle kokuxokozela; Unkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe ngaphandle kokuhilizisana, nabangcwele benza umsebenzi wabo ngaphandle kokuhilizisana. Abantu abahlale bekhuthele bawuhlupho; kungenxa yabangcwele abamunye Naye ukuthi uNkulunkulu wenza izinto ngaso sonke isikhathi. Abaphukile nabadukile nabasontekile bakhonza uNkulunkulu ngabangcwele abanganqotshwa ukwethuka kwabo, abathi ngenxa yobunye babo Naye baphumule ngokuphelele, ngalokho angasebenza ngabo. Ongcwele umzalwane uhlala ethembele ngokuphelele kuNkulunkulu, ngoba ukungcweliswa akuyona into iNkosi enginika yona, ukungcweliswa Nguye uqobo kimi.
Umzalwane ongcwelisiwe ukhululekile kuye nasezindabeni zakhe, eqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzenza zonke izinto ziphume kahle.
Imibuzo Yokuzindla: Ukwesaba kwami ukuphumula kuthini kuNkulunkulu ngokuthembela kwami Kuye? Ukwenqaba kwami ukuphumula kusho ukuthini emhlabeni mayelana nomthombo wethemba lami?
Izingcaphuno ezithathwe ku-The Place of Help, © Discovery House Publishers

UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Ithemba: Isithembiso Esingcwele siyingcebo ekhuthazayo yezingcaphuno ezivela emisebenzini ka-Oswald Chambers, umbhali wezokuzinikela othandwa kakhulu emhlabeni nombhali wencwadi ethi My Utmost for His Highest. U-Chambers uzokukhuthaza futhi akuphonsele inselelo ngokuhlakanipha kwakhe okulula nokuqondile kweBhayibheli.
More
We would like to thank Discovery House Publishers for providing this plan. For more information, please visit: www.utmost.org