Imininingwane ngohlelo

Ukukhanya Kwezwe - Inkonzo ye-AdventIsampula

Light of the World - Advent Devotional

USUKU 2 KWEZINGU- 4

  



Uthando



Umakhi Webhuloho



ngu-Osvaldo Carnival, Umfundisi e-Catedral de la Fe e-Buenos Aires, e-Argentina



  



“ ‘Intombi iyokhulelwa izale indodana, futhi bayoyiqamba ngokuthi u-Imanuweli’ (okusho ukuthi ‘uNkulunkulu unathi’).” — NgokukaMathewu 1:23



Phakathi kwezinhlobonhlobo zezifundo zobunjiniyela emanyuvesi, ukwakhiwa kwamabhuloho kuwumsebenzi okhethekile. 



Njengoba u-Boreham, umbhali odumile wase-Australia, ephawula ngomakhi odumile webhuloho:



Ukunqoba kwakhe ngesibindi nezinto ezinhle azifezile kungenza ngiphethe ngokuthi kuyafaneleka ukunikezela ukuphila komuntu emsebenzini wokwakha amabhuloho. Kuhle ukubona ukuthi, ngaphesheya kwemigodi ejulile nemifula ethukuthele, amabhuloho anwetshwa awela, avumela izingane ukuba zidlule ngokuphepha. Ngokufanayo, amabhuloho obungani nentando enhle angase avale ukungezwani phakathi kwabantu.



Kulezi zinsuku ezinzima - lapho abantu bezehlukanisa, lapho abafowethu nodadewethu behlukaniswa yipolitiki, uhlanga, nobulili - kuya ngokuya kudingekile futhi, impela, kuyadingeka ukuze kwakhiwe amabhuloho okuxhumana nothando. 



· Ubugovu bungalahlwa yibhuloho lozwelo. 



· Inzondo namagqubu ngeke ame lapho kukhona ibhuloho lomusa nenjabulo. 



· Izenzo ezimbi ziqala ukuwa uma ibhuloho selakhiwe eliyisa ekulungeni.



Cabanga ngoJesu Kristu — umakhi webhuloho omkhulu kunabo bonke. Esebenzisa izinto zokuphila Kwakhe—eqala ngokuzalwa Kwakhe okuthobekile emkhombeni—Wakha ibhuloho elisuka emhlabeni liya ezulwini, lisuka ekufeni liye ekuphileni. 



Ukuphila ngesibonelo Sakhe, nawe, ungakha amabhuloho futhi ulethe ukubuyisana emhlabeni ohlukene phakathi kulo Khisimuzi! 



UNkulunkulu usevele ukunikeze izinto ozidingayo: intethelelo, umusa, kanye nesikhuthazo seZwi Lakhe. Kwenze umgomo wakho ukusebenzisa lawo mathuluzi - ikakhulukazi kule nkathi ye-Advent - ukwabelana ngothando Lwakhe olwakha ibhuloho nalabo abaseduze nawe.



Iphoyinti Lokuzindla



Yikuphi ukuhlukana kanye nokuhlukaniswa okubonayo kumbuthano wakho oseduze? Imaphi amabhuloho ongawakha ukuletha ubunye futhi wabelane ngothando lukaJesu Kristu kulezo zimo?



Izicelo Zomkhuleko



Thandazela u-Osvaldo kanye nozakwethu be-OneHope abakhonza eNingizimu neMelika Ephakathi. Cela uNkulunkulu abasize babonise uthando olwaletha uJesu emhlabeni kubo bonke abantwana abaxhumana nabo. 



Thandazela abantu abasha base-Argentina, ukuthi uNkulunkulu abusise imikhosi yabo kaKhisimusi ukuletha ubunye emindenini ephukile kanye nemiphakathi ehlukumezayo ngoMzimba kaKristu.



Thandaza kuNkulunkulu ukuthi akusize ubonise uthando lwakhe emndenini wakho ... emphakathini wakini ... ebandleni lakho ... nasemhlabeni jikelele. Mcele ukuthi akusize wakhe amabhuloho lapho edingeka khona kakhulu.



Ukubungaza uKhisimusi e-Argentina



UDisemba yinyanga yasehlobo eningizimu nenkabazwe. Ngamazinga okushisa angaphezu kuka-95°F, ngeke uwuthole uKhisimusi omhlophe qhwa e-Argentina!



Naphezu kwesimo sezulu esifudumele, ukudla kwendabuko okunekhalori ephezulu (okulethwa kusuka e-Europe, lapho uKhisimusi ubanda kakhulu) kuyaphakelwa. Ukudla okubabayo kanye nenqwaba yezithelo ezomisiwe nazo zijwayelekile. 



Umgubho omkhulu wenzeka ngobusuku obandulela uKhisimuzi - ngesidlo esikhulu, semikhosi edliwayo ntambama (cishe ngo-10 noma 11pm), kulandelwa iziqhumane nezibani zephepha zendabuko phakathi kwamabili. Abantu abaningi bahlala bephapheme ubusuku bonke!



Usuku Lukakhisimuzi lukhululeke kakhulu futhi luchithwa nomndeni.

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Light of the World - Advent Devotional

Izigidi zamaKrestu emhlabeni jikelele zizobe zigubha uKhisimusi kulo nyaka. I-Advent, umkhosi omuhle ongokomfanekiso oholela osukwini lukaKhisimusi, iyingxenye enkulu yemikhosi kaKhisimusi emazweni amaningi. njengoba ufu...

More

Sithanda ukubonga i-OneHope ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://onehope.net/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo