Imininingwane ngohlelo

Izinsuku Ezingu-12 Zothando Oluhlala NjaloIsampula

12 Days To A Love That Lasts

USUKU 1 KWEZINGU- 12

Ezezimali


Siyakwamukela ohambweni lwakho ngombhalo, wembula izisekelo eziyishumi nambili ezibalulekile othandweni oluhlala njalo. Okokuqala: ezezimali.

 



Ucabange ukuthi sizoqala ngento elula? Akunakwenzeka! Sithatha eyodwa kwezinzima kakhulu, ngoba sizimisele ngokukusiza ukwakha uthando oluhlala njalo nowakwakho.

 



Into ngezimali ukuthi izithandani eziningi azithandi ukukhuluma ngayo. Kungakhathaliseki ukuthi kubangelwa amahloni, noma ukungafuni ukuvuma iqiniso lakho, noma nje ukunganeliseki ngokukhuluma ngemali, izithandani eziningi kakhulu zivumela lesi sihloko sifiphale - kuze kube yilapho babasenkingeni.

 



Kodwa umbhalo usenza sazi ukuthi akusona nje lesi sihloko okumele sikhulume ngaso, kodwa futhi kuyinto okufanele siyihlelele.

 



Izimali zakho ziyinsiza, into ongayiphatha. Ungasebenzisa imali yakho ngendlela ofisa ngayo, inqobo nje uma ukwenza ngonembeza omuhle, futhi nobabili nisekhasini elilodwa, nokuthi nikwenza ngenhloso.

 



Thola uhlelo, ngena ekhasini elifanayo, bese uhlala kulo. Futhi bheka lokho uNkulunkulu akwenzayo   ebuhlotsheni bakho ngenxa yalokho.

    


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

12 Days To A Love That Lasts

Kulolu cwaningo, sizokuqondisa ohambweni lobudlelwano oluhlanganisa izindlela ezingu-12 ezibalulekile zokuba Nothando Oluhlala Njalo.    

Sithanda ukubonga uJefferson no-Alyssa Bethke no- Jeff Bhethke ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://lovethatlasts.co/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo