Ukungakhathazeki NgaluthoIsampula

Anxious for Nothing

USUKU 5 KWEZINGU- 5


Zindla Ngalezi Zinto

Isiyalezo sikaPawulu sokugcina embhalweni wakhe wokukhathazeka ukuzindla ngezinto zikaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, khetha lokho ozindla ngakho. Cabanga ngemicabango yakho njengezindiza esibhakabhakeni ngaphezu kwesikhumulo sezindiza esimatasa. Ungumlawuli wethrafikhi yendiza yaleso sikhumulo sezindiza. Uthola ukunquma ukuthi yimiphi imicabango ehlala phansi nokuthi yimiphi endizayo. Ufuna ukujabula kusasa? Imicabango yenjabulo mayihlale namuhla. Ufuna ukuphatheka kabi kusasa? Vumela imicabango yecala, ukukhathazeka, nokwesaba kufike namuhla.

Ukuphulukiswa kokukhathazeka kudinga ukucabanga okunempilo. Eqinisweni, inselelo yakho akuyona inselelo yakho; inselelo yakho yindlela ocabanga ngayo mayelana nenselelo yakho. Ngokufanayo, inkinga yakho akuyona inkinga yakho; indlela obheka ngayo inkinga yakho. USathane uyakwazi lokhu, yingakho ehlale efuna ukutshala amanga emicabangweni yenu. Ufuna ukuthonya indlela obona ngayo ubunzima noma ukungaqiniseki kwakho. Kodwa khumbula ukuthi akayena umphathi wengqondo yakho.

Ngaphezu kwalokho, unamandla angasoze awanqoba, ngoba unoNkulunkulu ohlangothini lwakho. Lapho ukukhathazeka kusongela ukwehlisa inhliziyo yakho, ungamane ubize uNkulunkulu. Lokhu kuqinisa ozankosi kulowo owenze icala bese kumuyisa phambi kwaLowo onegunya lonke. Lokhu kuphika ukukhathazeka nokwesaba ukuba nenkundla yokuthonya ingqondo yakho. Lokhu kuvikela imicabango yakho njengoba uthembele kuNkulunkulu uYihlo.

Impela, ukusho lokhu kanye nokwenza kuyizinto ezimbili ezihlukene. Ungase uthande ukunquma ukuthi namuhla uzocabanga kuphela ngezinto eziyiqiniso, ezihloniphekile nezilungile. . . noma kukubulala. Kodwa ubani ongenza lokhu ngempela?

Kukhona indlela elula: vele ukwenze umgomo wakho ukunamathela kuKristu. Hlala kuye. Yiya kuye njengomthombo wamandla akho kanye nalowo okufanele imlalele imicabango yakho. Funda iZwi likaNkulunkulu. Lalela izintshumayelo. Umkhonze. Beka eceleni iziphazamiso futhi umfunele isikhathi. Qonda ukuthi uma kukhona okuhle okufika empilweni yakho, nguyena oyoba umgudu.

Umsebenzi omkhulu womfundi ukubambelela kuJesu. Futhi lapho unamathela kuJesu, ugcwalisa ingqondo yakho ngeqiniso likaNkulunkulu. Uphuca isitha izikhali futhi ugcine ukukhathazeka kude. Uthola iqiniso likaNkulunkulu. Futhi lelo qiniso liyakukhulula—ekungesabini, ekwesabeni, futhi, yebo, ekukhathazekeni.

Ukuba nokukhathazeka kusho ukuthi ungumuntu. Akusho ukuthi awukakhuli kahle ngokomzwelo, uyisiphukuphuku, ungenwe amademoni, noma uyisehluleki. Akusho ukuthi abazali bakho bahlulekilr, noma okuphambene nalokho. Futhi—lokhu kubalulekile—akusho ukuthi awuyena umKristu. Yebo, ngisho namaKristu alwa nokukhathazeka. UJesu ngokwakhe walwa nokukhathazeka eNsimini yaseGetsemane. Kodwa akazange ahlale ekhathazekile. Futhi nawe akufanele.

Usuku olusha lukulindele. Isizini entsha lapho uzokhathazeka kancane futhi wethembe kakhulu. Inkathi enokwesaba okunciphile nokholo oluthuthukisiwe. Ungakwqzi ukubona ngeso lengqondo impilo Lapho ungakhathazeki ngalutho?

UNkulunkulu ayakwazi. Futhi, ngosizo lwakhe, ungabhekana nakho.

Phendula

Ukuqonda kwakho ubukhosi bukaNkulunkulu ezinkingeni zakho kukusize kanjani ukuba ugcine imicabango yakho isezintweni ezinhle? Kunini lapho kube ngumshikashika kuwe lokhu?

Kusho ukuthini ukubeka amehlo akho kuJesu kuwe? Ukwenza lokhu kukusiza kanjani ukuthi ugcine imicabango yakho ithunjiwe futhi ilalele uKristu?

Yiliphi uhlelo ongalimisa ngesikhathi esizayo lapho ukukhathazeka kuzama ukuthatha inhliziyo nengqondo yakho?

Mayelana naloluHlelo

Anxious for Nothing

Umbhali othengisa kakhulu uMax Lucado uhlola icebo likaNkulunkulu lokwelapha ukukhathazeka elitholakala kwabaseFilipi 4:4–8. Njengoba ulandela lesi siqondiso - ukugubha ubuhle bukaNkulunkulu, ukucela usizo lwakhe, ukushiya ukukhathazeka kwakho kuye, nokuzindla ngezinto ezinhle - uzothola ukuthula kukaNkulunkulu. Nakuba ukukhathazeka kuyingxenye yokuphila, akudingekile ukuba kubuse ukuphila kwakho

More

Sithanda ukubonga u-Max Lucado, Harper Collins ne-Thomas Nelson Publishing ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.thomasnelson.com/9780310087311/anxious-for-nothing-study-guide/