Umnikelo Wakhe Omkhulu, Umsebenzi Wethu OmkhuluIsampula

His Great Sacrifice, Our Great Commission

USUKU 6 KWEZINGU- 10

Ingcaphuno: Ithemba Elilethwe nguRob Hoskins
Ngolunye usuku ithimba lesonto lendawo leza esikoleni sakhe nesipho somfundi ngamunye, Incwadi Yethemba. Amakholwa enze isethulo kubafundi, okuhlanganisa nedrama encane eklanyelwe ukukhombisa intsha enjengo-Elienne ukuthi uNkulunkulu uyithanda kangakanani. Kuze kube namuhla u-Elienne usakhumbula kahle.

Okokuqala, insizwa eyayisencane yanikeza omunye wabafundi iloliphophu, kodwa lapho ithi iyamnikeza, yavele yawela phansi emhlabathini yangcola. Ingabe umfundi ubesawufuna? Cha, akunjalo; wawusunengisa!

Ngokulandelayo wakhipha imali eyi-dola esikhundleni seloliphophu, waphinda futhi, lapho ethi uyanikela khona, wayiphonsa odakeni. Wagoba wacosha imali engcolile wabuza ukuthi umfundi usayifuna yini njengoba yayingcolile manje. Kodwa-ke imali engcolile iseyidola, futhi vele yayisafunwa!

“Wachaza ukuthi nakuba iloliphophu yalahlekelwa ukubaluleka kwayo lapho isingcolile, intsha enjengami yayifana nemayi yedola kuNkulunkulu,” kukhumbula u-Elienne. "Noma singawa kangaki singcole asilahlekelwa ukubaluleka kwethu emehlweni kaNkulunkulu. Lensizwa yasikhumbuza ukuthi uNkulunkulu uyasithanda futhi sibalulekile kulowo owasidalayo."

Mayelana naloluHlelo

His Great Sacrifice, Our Great Commission

Hamba umgwaqo ohlukile oholela ePhasikeni kulo nyaka. Qala uhambo lwakho nezithunywa zevangeli zomhlaba wonke eMpumalanga Ephakathi futhi uzulazule ezindaweni ezibukwayo nemisindo ezokusiza ukuba ujabulele iPhasika ngombono omusha. Yizwa kabusha ukuthi kungani uJesu eze kulo mhlaba--ukuzosindisa imiphefumulo yesintu.

More

Sithanda ukubonga i-OneHope, Inc. ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: www.onehope.net