Imininingwane ngohlelo

Unyaka wakho Wokuphumelela: Izinsuku ezingu-5 Zokukhuthazwa ukuze Uqale Unyaka Wakho OmushaIsampula

Your Breakthrough Year: 5 Days of Inspiration to Kickstart Your New Year

USUKU 3 KWEZINGU- 5

USUKU 3 – UKUKHULULEKA


Ngaba nelungelo lokuvakashela idolobha lasendulo laseFilipi eGreece. Lena indawo lapho umphostoli uPawulu asungula khona ibandla lokuqala lobuKristu eYurophu. Kulapha futhi lapho umuntu wokuqala owaba umlandeli kaKristu eYurophu. Igama lakhe kwakunguLydia futhi wasindiswa wabe esebhabhadiswa. Empeleni ngakwazi ukuvakashela lapho abhabhadiswa khona emfuleni iGangites.


UPawulu wavakashela eFilipi okungenani izikhathi ezimbili. EseRoma, wabhalela leli bandla incwadi yabaseFilipi. Le ncwadi iqukethe ezinye zezindima ezidume kakhulu eBhayibhelini (1:6, 2:5-11, 3:12-14, 4:13). Injabulo kaPawulu ngebandla laseFilipi ibonakala encwadini yakhe lapho ebakhuthaza khona ukuba baphile impilo yobuKristu yokunqoba.


KwakuseFilipi futhi lapho uPawulu noSila bashaywa futhi baboshwa. Ngabona ijele ababeboshwe kulo. UPawulu wayekhiphe umoya wokubhula kwabesifazane. Kodwa lapho abaphathi bayo bebona ukuthi ngeke besakwazi ukumsebenzisa ukwenza imali babahudulela phambi kwababusi babasola ngokuthi bangabahluphayo.


Phakathi kobusuku uPawulu noSila babethandaza futhi behlabelela lapho IzEnzo 16:26 zithi: “Kwaba khona kuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; Kwaba nokuzamazama komhlaba okuncane kuleyo ndawo. Amandla kaNkulunkulu abakhulula ejele!


Kwathi uma kwenzeka lokho, umgciniziboshwa wahosha inkemba yakhe ukuze azibulale, njengoba iziboshwa zase zizokhululwa. Kodwa uPawulu wammisa, umgciniziboshwa wathi kuPawulu: “Kumele ngenzeni ukuze ngisindiswe na? UPhawulu waphendula wathi: “Kholwa yiNkosi uJesu njalo uzakusindiswa.”


Amandla kaNkulunkulu afanayo ayatholakala namuhla kunoma ubani owadingayo. Abantu ababoshiwe basasindiswa. Eqinisweni, kunomnyakazo omkhulu wamadoda aqeqeshelwa inkonzo ngesikhathi eboshiwe.


UNkulunkulu usakhulula abantu kunoma yiluphi uhlobo lobugqila. Namuhla abaningi banokulutheka okuhlukahlukene okubagcina beboshiwe. Kungaba utshwala noma izidakamizwa. Kungase kube izithombe zobulili ezingcolile noma ukusebenzisa imali ngokweqile. Noma ngabe kuyini uNkulunkulu angakukhulula. Ngazi izindaba eziningi lapho umuntu esindiswa uNkulunkulu uyamkhulula khona manjalo ebugqilini bakhe.


Amandla kaNkulunkulu angokoqobo. Futhi ayatholakala kuwo wonke umuntu. Noma ngabe usuchithe iminyaka uboshiwe ngamaketango, uNkulunkulu angakukhulula. Lokho uNkulunkulu akwenzela uPawulu noSila uyokwenzela nawe.


Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Your Breakthrough Year: 5 Days of Inspiration to Kickstart Your New Year

Unyaka omusha ungaba unyaka wakho wempumelelo.  Ukuphumelela kwakho kuvuliwe ngakolunye uhlangothi lwesithiyo obhekane naso ngonyaka owedlule. Lona kungaba unyaka ekugcineni ozothola impumelelo edingekayo empilweni yakho...

More

Sithanda ukubonga i-TThe Fedd Agency ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.rickmcdaniel.com/thisisliving.html

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo