Fearless: A Six-Week Journey Isampula

Fearless: A Six-Week Journey

USUKU 75 KWEZINGU- 88

ISONTO 5: MWSABE UNKULUNKULU

AMANZI EZWI LAKHE
Funda futhi uzindle ngeHubo 19:9, IHubo 111:10, IzAga 1:7, IzAga 14:26-27, IzAga 15:16. Ufundani ngokumesaba uJehova?

CABANGA
Yima ucabange. Buza, Ingabe ngiphila ngeqiniso? Ingabe ngihamba eqinisweni? Ingabe iqiniso liyiNkosi yami, noma kuwumuzwa? Ingabe ngizoyikholelwa imizwa yami, ngithembele ekuqondeni kwami siqu, noma ngizokholwa uNkulunkulu nezwi Lakhe? Khetha namuhla ukuthi ngubani oyakumkhonza (UJoshuwa 24:15). Ngakho-ke anokhuleka kanje, nithi: Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho; Umbuso wakho mawufike, intando yakho mayenziwe emhlabeni njengasezulwini (NgokukaMathewu 6:9-10).

Cela iNkosi ukuthi ilethe ukuqonda okukhulu kuwe phakathi kwamaviki ambalwa alandelayo. Ufuna wenzeni ngalokho okufundile? Yini okudingeka ishintshe endleleni ocabanga ngayo, owenza ngayo, ophendula ngayo, noma ohlela ngayo isonto lakho? Ingabe ukhona umBhalo afuna uwufake enhliziyweni? Ungakusebenzisa kanjani lokhu? Letha konke lokhu phambi kweNkosi ngomthandazo.

GXILISA AMAHLO ENHLIZIYO YAKHO
Funda eyabaseGalathiya 2:20 ngekhanda.

KwabaseGalathiya 2:20
Ngibethelwe kanye noKristu. Akuseyimi ophilayo, kodwa uKristu ophila kimi. Futhi ukuphila engikuphila manje enyameni ngikuphila ngokukholwa eNdodaneni kaNkulunkulu, eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.

Mayelana naloluHlelo

Fearless: A Six-Week Journey

Learn how to move beyond the fear that overwhelms you and holds you back in your faith and enjoy a whole new life of freedom, fearlessness, and effectiveness in your life and witness! Ideal for busy moms, single women, and college students.

More

We would like to thank Thistlebend Ministries and author Laurie Aker for providing this plan. For more information, please visit: www.thistlebendcottage.org