Imininingwane ngohlelo

Unyaka omusha: Isiqalo EsishaIsampula

New Year: A Fresh Start

USUKU 4 KWEZINGU- 5

Ukuphila Nesimo Sengqondo Esisha


Enye yezindlela ezinhle kakhulu zokuphila impilo engcono ukuba nesimo sengqondo esingcono. Lapho singabalandeli bakaJesu Kristu, siyizidalwa ezintsha. Ngakho-ke, singaba nesimo sengqondo esivuselelwe ngokuphathelene nazo zonke izici zokuphila kwethu. Sifundiswa nangohlobo lwesimo sengqondo okufanele sibe naso. Kuwuhlobo lwesimo sengqondo eluzosinika indlela entsha yokuphila futhi siphumele ekuvuselekeni okuhlala njalo ezimpilweni zethu.


KwabaseFilipi isahluko 2, uPawulu ubhala ukuthi akufanele sibe nesimo sengqondo esijwayelekile esintwini esiwile, kodwa kunalokho, sibe nesimo sengqondo esifanayo naleso uJesu ayenaso. Kufanele sibheke ukuphila njengoba kwenza uJesu. Indlela yethu engokwemvelo iwukuba senze izinqumo futhi senze ngenxa yobugovu nokuzazisa, sibheke izithakazelo zethu futhi sizibheke njengababalulekile kunabanye. Ngamanye amazwi, sinesimo sengqondo sokuqhosha, sobugovu cishe ngaso sonke isikhathi esibeka izidingo zethu nezifiso zethu kuqala. Lolu hlobo lwesimo sengqondo ngokuqinisekile luzonciphisa izinga lempilo yethu ngoba luzolimaza ubudlelwano bethu futhi lusishiye singaneliseki futhi sihlale sifuna okunye okwengeziwe. Sitshelwa ukuthi sibe nesimo sengqondo esifana nesikaJesu. Nokho, lesi simo sengqondo sihluke ngokuphelele esimweni sethu esijwayelekile.


UJesu wayenazo zonke izizathu zokuziqhenya, ukugqaja Ngaye, futhi ajabule ngeqiniso lokuthi unguNkulunkulu. Nokho, uJesu akazange azame ukubambelela “esimeni” Sakhe njengoNkulunkulu. Kunalokho, wazithulula enkazimulweni Yakhe. Wathatha inyama yomuntu weza emhlabeni esewusana. Wayenesimo sengqondo sokuthobeka, esabonakaliswa kusukela ngesikhathi sokuzalwa Kwakhe emkhombeni wezilwane. Umbhede wakhe wokuqala wawuyindawo yokudla izilwane. Wafika ngokuzithoba futhi wakhulela emndenini ojwayelekile kanye nedolobha elingakhethekile.


Kuyo yonke impilo Yakhe yasemhlabeni, wabonisa inhliziyo yesigqila, eseza, "kungesikho ukukhonzwa, kodwa ukukhonza." Wayemlalela ngokuphelele uBaba, kwaze kwaba seqophelweni lokunikela ngokuphila Kwakhe ngenxa yesintu. Wayengenabugovu, engenampango; elalela, engalandeli intando yakhe; engabheki ukuzuza konke, kodwa ethanda ukupha konke.


UJesu ofanayo owaphila isibonelo sesimo sengqondo esifanele nsuku zonke manje usehlala ezinhliziyweni zalabo abanikele ngezimpilo zabo Kuye. UMoya oNgcwele ungasinika amandla okuphila lokhu.


Unyaka omusha, futhi manje yisikhathi sokuphila isimo sengqondo esisha sokuzidela, sothando lokuzidela, futhi siguqulwe ngaso nsuku zonke.


Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

New Year: A Fresh Start

Unyaka omusha ulingana nesiqalo esisha nesiqalo esihle. Yisikhathi sokusetha kabusha, ukuvuselela, nokugxila kabusha kulokho okubaluleke kakhulu empilweni yakho. Ukuba nonyaka omuhle kakhulu kungukuqala ngokwazi ukuthi w...

More

Sithanda ukubonga i-International Leadership Institute ngokuhlinzeka ngalolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: http://ILIteam.org

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo