Ngizinikele ngokugcwele: IsingenisoIsampula

Uyini Umlandeli KaKristu Ozinikele Ngokugcwele?
Umlandeli kaKristu ozinikele ngokugcwele ungumfundi kaJesu. Ngumuntu othanda uNkulunkulu ngakho konke ayikho—inhliziyo, umphefumulo, ingqondo namandla—futhi othanda abanye ngendlela uJesu asithanda ngayo.
Ukuthanda uNkulunkulu ngenhliziyo yethu yonke kusho ukufisa uNkulunkulu phezu kwezinto zalomhlaba.
Ukuthanda uNkulunkulu ngomphefumulo wethu wonke kusho ukuthembela kuNkulunkulu ngaphezu kokuzethemba thina.
Ukuthanda uNkulunkulu ngengqondo yethu yonke kusho ukwazi uNkulunkulu mathupha, eduze, futhi ngokujulile.
Ukuthanda uNkulunkulu ngamandla ethu onke kusho ukukhonza uNkulunkulu ngakho konke okusemandleni ethu.
Ukuthanda abanye ngendlela uJesu asithanda ngayo kusho ukuthanda ngokuzidela, ngokuzinikela, futhi ngokungenamibandela. Isithombe esiphelele kakhulu sothando lukaJesu ukufa Kwakhe ngokuzithandela esiphambanweni samaRoma ngenxa yezwe. Wazidela ukuze azuze abanye lapho thina sasingafanele. Futhi leso isithombe esihle sokuthi sibizelwe kanjani ukuthanda abanye.
Ukuzinikela ngokugcwele akwenzeki ngokuphazima kweso. Kwenzeka ngokuhamba kwesikhathi njengoba sizibophezela ezindleleni nasemazwini kaJesu umzuzu nomzuzu wansuku zonke. Lolu hambo ngokwesiko belubizwa ngokuthi ukwenza abafundi.
Kuyini ukwenza abafundi?
- Ukwenza abafundi kuyinqubo: Lolu hambo alusona isinqumo sesikhathi esisodwa, kodwa wukuzinikela kwansuku zonke. Kudinga isikhathi nomzamo.
- Ukwenza abafundi kuyinqubo yokuba njengoJesu: Le nqubo kufanele isiguqule njengoba sizivula emandleni omusa kaNkulunkulu. Futhi lokho kuguqulwa kuyosenza sibe abantu abafana noJesu. Uma singaqali ukubukeka, ukuphila, nokwenza njengoJesu kakhulu, kusho ukuthi empeleni asizinikele ngokugcwele.
- Ukwenza abafundi kuyinqubo yokuba njengoJesu ngenxa yabanye: UJesu akezanga ukuzokhonzwa kepha ukukhonza.. Ekugcineni lokhu kwakusho ukunikela ngokuphila Kwakhe njengesihlengo sabaningi. Njengoba siba njengaye kakhulu, izimpilo zethu zizogxila kwabanye. Asizile ukuzoziphakamisa, kodwa ukulandela isibonelo sikaJesu ngokusebenzela abanye.
Khumbula, lolu uhambo lokuzinikela ngokugcwele-ukunikezela izimpilo zethu ezindleleni nasemazwini kaJesu ukuze sithande uNkulunkulu ngakho konke esiyikho. Futhi ngokulandelayo, ukuthanda abanye ngendlela efanayo uJesu asithanda ngayo.
Imibuzo Yokulotshwa
- Bhala phansi ivesi lokuzindla laleli sonto kujenali yakho. Ucabanga ukuthi lawo magama abeyobe esho ukuthini ezithamelini zokuqala? Ziyithinta kanjani impilo yakho namuhla?
- Uzibophezele kangakanani kulolu hambo lokuba umlandeli kaKristu ozinikele ngokugcwele? Ingabe zikhona izinto ezikuvimbela ukuba ungene phakathi?
- Zilinganise esikalini soku-1–10: Umthanda kangakanani uNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yakho, umphefumulo, ingqondo, namandla? Kungani uzinikeze leso silinganiso? Ungasisondeza kanjani isilinganiso sakho ku-10?
Ivesi Lokuzindla
“ ‘Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Wothanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ umyalo omkhulu kunale.” NgokukaMarku 12:30-31 NIV
Mayelana naloluHlelo

Uyafuna ukukhula ebuhlotsheni bakho noNkulunkulu, uqonde iBhayibheli kangcono, futhi ufunde ukuthi ungamlandela kanjani uJesu ngokwethembeka emhlabeni wethu namuhla? Ngendaba yeBhayibheli njengesiqondiso sethu, masithole amaqiniso futhi sithuthukise amakhono azosisiza sibe abalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. lolu hlelo luyiNgxenye 1 yohambo oluyizingxenye ezingu-9.
More