Ukukhuculula UmphefumuloIsampula

Soul Detox

USUKU 9 KWEZINGU- 35

Amazwi ethu anamandla. Anamandla okubulala kanye namandla okunikeza impilo. Kuyo yonke incwadi yezAga, uSolomoni uvame ukubhala ngobungozi kanye namakhono okunika ukuphila kwamagama ethu. Wayewazi kahle amandla amagama. Ngenxa yalokho, uSolomoni usikhuthaza sonke ukuba siqaphele izinhlobo zamagama esiwakhulumayo kwabanye futhi nokuhle futhi nokubi lamagama angaba nakho.

Yiziphi izinhlobo zamagama ovame ukuzikhuluma kakhulu - ezinobuthi noma ezineka ukuphila? Chaza.

Mayelana naloluHlelo

Soul Detox

Asiwona umzimba onomphefumulo. Singumphefumulo onomzimba. Ngenkathi izwe lifundisa kahle ukuthi sikhuculule imizimba yethu, ngezinye izikhathi kudingeka sikhuculule umphefumulo wethu. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-35 luzokusiza ukuba ubone ukuthi yini exhoza emphefumulweni wakho, futhi yini evimbe endleleni yakho yokuba ngumuntu uNkulunkulu akudalele ukuba ube nguye. Uzofunda eZwini likaNkulunkulu ukuthi ungayinqanda kanjani lemithelela elimazayo futhi wamukele impilo ehlanzekile yomphefumulo wakho.

More

Sithanda ukubonga uPastor Craig Groeschel ne-Life.Church ngokusinikeza lolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.life.church.tv