Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke IzinseleloIsampula

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

USUKU 24 KWEZINGU- 30

Ziningi izinto ezisidumazayo empilweni. Uma uzivumela ukuba wenze kanjalo, ubungachitha ingxenye enkulu yosuku ngalunye lokuphila kwakho ubhekana nokudumazwa othile noma okuthile okuphonselwe kona. Ukudumala kungase kube umbala wezimpilo zethu kalula, ngenxa yabantu nezehlakalo eziphikisana nesikulindele.

Umphostoli uPawulu, umlobi wencwadi yabaseRoma, usinikeza indlela engcono yokusingatha ukudumazeka kunokuba udumazeke! Lokho uPawulu akufundisa ngesineke kulesi siqephu somBhalo esibaluleke ngobuchule ukuthi ukudumazeka akunawo amandla okukudumaza! UNkulunkulu ukumisele ubuhle nesiphetho, ngakho-ke ukudumazeka akunamandla okulungisa lokho uNkulunkulu asekwenzile. Lapho sicindezeleka ngokomzwelo futhi sikhungathekile ngenxa yokuphoxeka kwansuku zonke ekuphileni, sinikeza ukudumala ngakunye igunya elikhulu ngokwedlulele ezimpilweni zethu. Esinye sezihluthulelo ezinkulu ekubhekaneni nokudumazeka siwukugcina umbono wakho ngendlela efanele.

Ukuthi "dumazeka" kusho ukuthi isiphetho sakho sesiguquliwe unomphela; ukuthi wake wamiselwa ukudalelwa kanye nokubaluleka kodwa ukuthi isenzakalo esidumazayo siyiguqule unomphela injongo yakho yaphakade. "Ukudumazeka" kungachaza lapho usuqokiwe bese kuba kunezimo ezithile ezintshontshe ukuqashwa kwakho. Izenzakalo zansuku zonke noma izehlakalo azinalo igunya lokukuthena amandla ekubekweni nguNkulunkulu!

UPawulu uyala uMzimba kaKristu kuzo zonke izizukulwane ezizayo, ukuthi ukusabela kwethu ekudumazekeni kufanele kube ukwethaba ngenhliziyo yonke. I-King James Bible ihumusha leli vesi isebenzisa igama elimangalisayo, "- sibonga ngosizi, futhi ..."

Akusilona iqiniso! Siye sakholelwa ngephutha ukuthi izinsizi, noma ukudumazeka, kuyizithiyo ezidabukisayo, ezishintsha ukuphila, lapho iBhayibheli, eliyikhampasi yethu kulo lonke iQiniso, lisitshela ukuthi ukudumazeka kuyihora lethu elihle kunawo wonke. Kuyithuba amaKristu analo lokukhombisa ukuthi thina, ngempela, sihlukile futhi sithatha lesi sikhathi ukuveza inkazimulo ebekwe ngaphakathi kwethu. Asikhali ngenxa yokuphoxeka, siyakuthokozela. Asikhali ngenxa yokudumazeka, kodwa sibheke ukuthi iminwe kaNkulunkulu izembule.

Mayelana naloluHlelo

Holy Emotions - Biblical Responses to Every Challenge

UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga u-Carol McLoed and Just Joy Ministries ngokusinikeza lendlela yokufunda. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: www.justjoyministries.com