Imininingwane ngohlelo

Uthando Luyahlala Iviki ElingcweleIsampula

Love Remains Holy Week

USUKU 1 KWEZINGU- 8

Umkhosi. Ithemba. Ukulindela. Ukuthula. Ukuqiniseka—yonke le imizwa cishe azwiwa yilabo abaphonsa amagatsha abo esundu endleleni ewubhuqu futhi bememeza ngesasasa nenjabulo. Futhi babeqinisile ekujabuleni kwabo ngoJesu. Phakathi nokucindezelwa kwamaRoma ukufika kwakhe kwaletha umgubho kanye nesiqiniseko sekusasa elehlukile.



Leli Sonto LeSundu kungenzeka lizwakale lehluke kancane njengoba nibuthana ezikrinini zekhompyutha futhi nijabulela ukuba nabanye cishe. Mhlawumbe umgubho walo nyaka uzwakala usongelwa ukwesaba noma ugubuzelwa ukungaqiniseki. Futhi lokho kulungile. ISonto Lesundu lisikhumbuza ukuthi ngisho naphakathi kokuphazamiseka, phakathi kwakho konke ongase ukuzwe, uJesu useyiNkosi. Usathwele ithemba; usaphethe ukuthula; futhi usasithanda kakhulu kunalokho ebesikucabanga. Sengathi ungathola ukuphumula kulokho namuhla naleli viki!



Funda NgokukaLuka 19:37-39 futhi, ubuze ukuthi uthini uNkulunkulu kuwe na

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Love Remains Holy Week

Kunzima ukucabanga ukuthi uJesu wayecabangani futhi ezizwa kanjani ezinsukwini eziholela ekuweleni, kodwa into eyodwa esiyaziyo—ukwethemba kwakhe nesiqiniseko sakhe ebuhleni nothando oluthembekile lukaNkulunkulu. Thatha ...

More

Sithanda ukubonga I-World Relief ngokusihlinzeka ngalolu Hlelo. Ngeminiye imininingwan, sicela uvakashele: https://www.worldrelief.org

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo