I-logo yo Hlelo Lokusebenza lweBhayibheli
Isici soku Sesha

LindaIsampula

Wait

USUKU 5 KWEZINGU- 10

Ugcine nini ukuphazanyiswa?

Angazi ngawe, kodwa kungase kube lula ukucasuka futhi ulahlekelwe isineke lapho senza into yethu bese kuvela okuthile esingakufuni noma esingakulindele. 

Endimeni osanda kuyifunda, indoda okuthiwa uJayiru yeza kuJesu yamtshela ukuthi indodakazi yakhe eneminyaka engu-12 igulela ukufa. 

UJesu wavuma ukuya endlini kaJayiru ukuze aphulukise indodakazi yakhe. Endleleni eya endlini kaJayiru, owesifazane owayesegule iminyaka eminingi waphuma esixukwini wathinta ingubo kaJesu. Kube nokuphazamiseka - ukuguqulwa kwezinhlelo. 

Ingabe uJesu wenzani? Wema. Wamnaka ngokugcwele lona wesifazane, wambuza imibuzo ethile, wachitha isikhathi naye futhi wamphulukisa. 

Manje, zicabange unguJayiru. Ubungaphendula kanjani?

Angazi ngawe, kodwa ngingaphatheka kabi, ngidideke, mhlawumbe ngimthukuthelele uJesu. Ngingabe ngicabanga, “Ayibo, ndoda! Kufanele sihambe. MANJE!” 

Manje, asazi ngokuqinisekile ukuthi uJayiru wasabela kanjani. Umbhalo awusho. 

Akukho lapho kukhulunywa ngoJayiru ukuthi usho okuthile. Ngokwazi kwethu, akazange atshele uJesu ukuba asheshe noma akhumbuze uJesu ngendodakazi yakhe eyayifa. 

Singaphetha ngokuthi uJayiru wayemi lapho elindele ukuthi uJesu aqede ukuphulukisa lona wesifazane. Wama eduze kwakhe ngesineke. 

Kunokuba abonise ukucasuka noma ukukhungatheka ngoJesu, uJayiru wabonisa ukuqonda. 

Ingabe unalolo hlobo lwesineke? Ingabe unalo uhlobo lwesineke olungakwazi ukuma futhi ulinde lapho izinto zingahambi ngokohlelo? Kungase kubukeke kanjani ukubonisa ukuqonda komunye umuntu noma isimo ngokuzayo lapho uphazanyiswa?

Mayelana naloluHlelo

Wait

Siphila enkathini yejubane nokunethezeka. Kubukeka sengathi thina, njengabantu, siya ngokuya siphelelwa isineke. Ukuntula isineke kuvelaphi? Silwa kanjani nakho? Hlanganyela nathi ezinsukwini ezingu-10 ezilandelayo njengoba sicubungula lokho.

More

Sithanda ukubonga i-LCBC Church ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.lcbcchurch.com/students