UyathandwaIsampula

You Are Loved

USUKU 2 KWEZINGU- 4

Uthando LukaNkulunkulu Oluyisineke

Ngalokho bheka, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi. ( UHoseya 2:14)

Ngesikhathi ngenza ibanga lesibili, umfana ekilasini lami wafunga wathi uzobamba umoya kuze kube intombazane ayithandayo ithi iyamthanda. Ebuka ngokwesaba njengoba ubuso bakhe buphenduka bomvu, yaphimisela, “Kulungile! Ngiyakuthanda!" Akudingekile ukusho ukuthi, lobo “budlelwano” abuhlalanga isikhathi eside.

Kulesi siqephu esihle sikaHoseya, sifunda ukuthi nakuba abantu bakaNkulunkulu bakhetha ukulandela abanye onkulunkulu, uNkulunkulu akazange abalahle. Kodwa kunokuba abaphoqelele ukuba bamthande, uNkulunkulu uthi uyobayenga futhi akhulume nabo ngesisa, abanikeze ithemba lapho lingekho khona. Ngalokhu, uNkulunkulu uthi, ngelinye ilanga bayombiza ngokuthi “umyeni wami” (ivesi. 16). Lesi isithembiso sikaKristu. Ngokufa nokuvuka kukaKristu, ikhethini ladatshulwa phakathi kwethu noNkulunkulu. Sithethelelwe ngokuphelele, ukuphambuka kwethu kwangaphambili kukhohliwe. uNkulunkulu uyijike yaba banzi iminyango yethemba, futhi siyabona ukuthi akayona inkosi efuna uthando lwethu, kodwa uNkulunkulu onesineke ofuna ubudlelwanenathi. Ubuhlobo obungaphoqelelwa phezu kwethu, kodwa lobu esibufisayo ngoba usibonise ukujula kothando lwakhe ngegazi likaJesu Kristu.

Namuhla, cabanga ngothando lukaNkulunkulu olunesineke. Ngeke akuphoqe ukuthi umthande, kodwa uhlale ekubiza, ekulungele ukukwamukela ezandleni zakhe ezivulelekile. 

Njengoba ukhuleka, bonga uNkulunkulu wethu othembekile ngothando lwakhe. Mcele ukuthi akusize uthande abanye ngendlela akuthanda ngayo.

Mayelana naloluHlelo

You Are Loved

uNkulunkulu uyakuthanda. Noma ngabe ungubani, noma ngabe ukuphi empilweni yakho, uNkulunkulu uyakuthanda! Kule nyanga, lapho sigubha uthando, ungakhohlwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu kuwe lukhulu kunalo lonke olunye uthando. Kulolu chungechunge lwezinsuku ezine, gxila othandweni lukaNkulunkulu.

More

Sithanda ukubonga i-Words of Hope ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.woh.org/youversion