Imininingwane ngohlelo

Unyaka omusha, UNkulunkulu OsenguyeIsampula

New Year, Same God

USUKU 1 KWEZINGU- 4

Thulula ipotimende lakho.


Omama baseLatin America bavame ukuthenga izinto eziyisikhumbuzo ukuze bazithumele njengezipho kuzo zonke izihlobo zabo noma nini lapho besohambweni. Okuhlekisayo kunakho konke ukuthi basebenzisa izikhwama zabo ukuthutha konke lokho, kungakhathaliseki ukuthi singakanani isikhala!


Uke waba yilowo mgibeli?


Nakuba kungase kube okuhlekisayo ukucabanga ngakho, iqiniso liwukuthi kungase kungakhululeki ngezinye izikhathi. Ziningi izinto abanye abangazifaka epotimendeni kangangokuthi ugcina ungenaso isikhala salokho okudingayo ngempela.


Kuyenzeka okufanayo ngepotimende lempilo yethu. Sihudula imithwalo egcwele izinto ezivela kuzipiliyoni zangaphambilini. Sithwala izinto eziningi ezenza ipotimende lisinde, futhi okubi nakakhulu, zithatha indawo yalokho esikudinga ngempela ukukuthwala.


Yini okufanele siyisuse ukuze sivule isikhala? Kungase kube yisimo esedlule esisivimbile ekuzameni futhi. Mhlawumbe kungukungabaza ukuthi akusivumeli ukuthi siye phambili, noma amazwi alimazayo kithi esiwagcine ezinhliziyweni zethu.


Kubalulekile ukwazi ukuthi asibophekile ukuthwala lezi zinto, ngoba akuzona ezethu,. Zingezakudala. Kunganjani sizishiye lapho?


Kudingeka senze indawo yakho konke okuhle uNkulunkulu afuna ukusinika kona kulo nyaka! Isipiliyoni nezifundo ezintsha, labo bantu abasha, lokho kuphumelela okusha ...


Ukuze ube nonyaka obusisekile, kubalulekile ukuvula isikhala sezibusiso. Ngiyazi ukuthi kunzima ukuthemba okuhle uma sibheka emuva futhi sikhumbula zonke izinto ezimbi ezenzekayo, kodwa khumbula ukuthi uNkulunkulu angenza yonke into ikusebenzele kangcono. Namuhla kuyithuba elisha lokuphila ngendlela ehlukile, ukuphila ngokukholwa nokungesabi, ukwamukela, ukudedela nokuqhubekela phambili.


Asiphathe ipotimende eligcwele ithemba, uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, namaphupho. Masishiye lokho obekuwumthwalo kuphela, sibheke ukuthi uNkulunkulu usisiza kanjani ukuba sigcwalise lokho okubaluleke ngempela. Sengivele ngapakisha ipotimende lami kulolu hambo, usalindeni?


Umsebenzi: Cabanga ngezinto ezintathu obuzithwele isikhathi eside ebezikubusa. Zinike uNkulunkulu futhi umcele ukuba akusize ungavumeli le mithwalo ihlale iyingxenye yakho.


U-Leslie Ramírez


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

New Year, Same God

Unyaka omusha usufikile futhi ngawo, izinjongo ezintsha nezinqumo esifuna ukuzifeza. Konke sekushintshile emhlabeni; nokho, sinoNkulunkulu ofanayo onamandla onke okwazi ukusinika unyaka obusisekile. Hlanganyela nami kule...

More

Sithanda ukubonga uLeslie Ramírez Lázaro ngokusihlinzeka ngaloluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://aboutleslierl.web.app/

Izinhlelo zohlobo olufanayo

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo