Ukukhuluma ukuphilaIsampula

Speaking Life

USUKU 5 KWEZINGU- 6

Amazwi okuphila ngawo!

Njengoba isitha siqamba amanga, kudingeka ukuba sithathe isinqumo sokukhuluma ngamandla nangeqiniso kuso! Kudingeka ukuba sithathe izinyathelo siguqule igagasi lamagama amabi nemicabango emibi. Sidinga amagama agcwaliswe ngamandla ukuze siphile ngawo. Kudingeka siwakhulume siwaphinda phinda aze afinyelele ezinhliziyeeni zethu nasemicabangweni yethu.

Into ebucayi ngami njalo yinto uNkulunkulu ayishoyo ngami.... hayi engikucabangayo noma engikuzwayo, futhi akusikona okushiwo ngabantu, abakucabangayo okanye abakwenzayo. Singakhutshazwa ngamanga nangenkolelo yenkohliso size silahlekelwe ihlelo elimnandi leNkosi iskhathi eside. Funda izwi Lakhe. Ukukholwa kwakho makukhulume bese uvumela uNkulunkulu akusize ngokungakholwa onakho.

Sonke sidinga ukuziphophezela kabusha siyeke ukukhuluma okungalungile ngathi. Njengomkhuba onobuthi, singathatha isinqumo sokuwuyeka lomkhuba. Kungathatha isikhathi, ukubekezela, ukunaka namandla okuyeka ukukhuluma okungalungile ngathi ngokuphelele ngoba kwiningi lethu sekugxilwe ngokujulile, cishe sekuyimvelo yesibili. Uma usukwazi ukuthi uyakwenza, qonda ukuthi uzodinga ukuziphazamisa wena nemicabango yakho ukuzivimba ngokuphelele. Ukwazi lokhu kuziphatha kuyisihluthulelo sokuyeka

Uma silawula imicabango namazwi ethu, sibuyisa impilo yethu! Ngikuphonsela inselelo yokwakha uhlu lweziqiniseko zansuku zonke zokukhuluma NAWE..... amazwi okumele uphile ngawo. Lomsebenzi yisinyathelo esibalulekile ekuthatheni ukulawula imicabango yethu kanye namazwi ethu. Yisikhathi sokukhuluma amandla neqiniso ezimpilweni zethu ngokubhala uhlu lweziqinisekiso zwansuku zonke.

Okukuqala, qala ngemicabango emibi okanye ukukhuluma ngawe okubusa noma ohlale ukucabanga njalo. Bhala noma yimaphi amanga owakholwayo. Yimaphi amaqiniso amabi akusindayo nakuvimbela ukuphila impilo yakho engcono kakhulu? Uma imicabango yethu, ukukhuluma ngathi okanye amazwi awaqondani neqiniso likaNkulunkulu sidinga ukuwakhiphela obala.

Okwesibili, thola imibhalo njengamakhambi emicabango emibi okanye amanga. Lamaqiniso kamoya angakukhulula kulawo manga kanye nezinqaba/amaphethini. Thatha imicabango yakho namazwi akho uwathumbe eqinisweni Lakhe! Khetha amazwi aqondaniswe nezwi likaNkulunkulu.

Okukugcina, funda lemibhalo ebese wakha izitatimende ezinhle, ovumelana nazo ozozivuma futhi uzikhulume empilweni yakho. lezi yiziqinisekiso ezinhle eziqondana neQINISO. Yenza uhlu lwakho. Yiziphi iziqinisekiso ongazikhuluma ukuletha inkazimulo kaNkulunkulu nemiphumela engcono empilweni yakho?

Ukukhuluma lezi ziqinisekiso nsuku zonke kuzokuzisa ukuthi uqale ulawule impilo yakho ngokulawula ulimi lwakho. Yenqaba ukukhuluma okunye ngaphandle kwezwi likaNkulunkulu ngempilo nangesimo sakho. Thatha igunya ngaphezu kwempilo yakho ngemibhalo nangamandla amazwi akhulunywa nguwe eziqinisekiso. Lawa NGAMAGAMA AKHO OKUPHILA.

Zindla:

Yimiphi imicabango namanga adlula emqondweni wakho angaqondani nezwi likaNkulunkulu? Zindla ukhethe amaqiniso anikeza impilo uwafake esikhundleni saleyomicabango.

Umkhuleko:

Nkosi, ngifuna ukukhuluma ngiphile ngeqiniso Lakho mayelana nami. Imvamisa ngizizwa ngibhajiwe kuloku okubi nesisindo salomhlaba emahlombe ami. Ngisize Ngifunisise amaqiniso anikeza impilo ngizindle ngawo nsuku zonke.

Mayelana naloluHlelo

Speaking Life

Amazwi, amazwi, amazwi, amazwi agcwele amandla! Amazwi akhayo noma abhidlizayo. amazwi anika impilo noma amazwi aletha ukufa. Ukukhetha kungokwethu. Ake sihlole ukubaluleka kwamandla aphethwe amazwi ethu.

More

Sithanda ukubonga Roxanne Parks ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.roxanneparks.com/home.html