Imininingwane ngohlelo

Izinsuku iziyi-7 zendaba kaKhisimuzi: Isikhathi sokuzinikela komndeniIsampula

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Usuku1: uDavide


Ayinje ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu, kepha futhi wayenabazali ngesikhathi sakhe emhlabeni. Ubaba kaJesu, uJosefa, wamamukela emndenini kaDavide, futhi umama wakhe, uMariya wangowozalo lukaDavide. Uma kwenzeka uzibuza, lo nguDavide, yena umfana ongumelusi owanqoba uGoliyathi! Ungakukholwa? uJesu waba ngumzukulu wesizukulwane (izizukulwane ezingamashumi amabili nesishiyagalombili) zikaDavide, wagcwalisa isiprofetho esakhulunywa eminyakeni eyikhulu ngaphambili mayelana noMesiya ozayo wozalo lukaDavide (2 Samuweli 7:12-16).


Abantu ababekhona ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu babazi ukuthi uDavide wayengubani. Wakhula waba yiNkosi futhi wabhala incwadi yamaHubo. Kodwa okubaluleke kakhulu, ukholo lukaDavide lwakhula, futhi waziwa njenge "Ndoda eyafuna inhliziyo [kaNkulunkulu]" (1 Samuweli 13:14). Zonke izikhathi uJesu wayebizwa "ngeNdodana kaDavide" eBhayibhelini, kungabantu ababenokholo lokuthi uJesu wayenguMesiya othenjisiwe, noma uMkhululi okwase kukudala elindelwe. Bakholelwa ukuthi uJesu wayenamandla okubakhulula ekuhluphekeni nasekuguleni.


Umsebenzi womndeni:Lungiselela idizethi ekhathekile ngaphambi kwesikhathi, kepha ungazitsheli izingane zakho! Okokuqala, bavale amehlo. Bese ubahola ohlwini lwemisebenzi yezinzwa. Ngaphambi kokuba uqale umsebenzi ngamunye, babuze ukuthi basakuthemba yini. Thatha ikhandlela noma enye into enamakha bese ubuza ukuthi inuka kanjani. Emva kalokho, baholele endlini yokugezela lapho bezogeza khona izandla. Okokugcina, baholele ekhishini. Bacele bavule imilomo yabo. Faka ucwezu lwedizethi abayithandayo phakathi! Bese ususa okuvale amehlo. Buza izingane zakho ukuthi bazizwe kanjani behamba lendlela bevalwe amehlo.Ngabe bebethukile? Ngabe bakuthembile? Sebenzisa lomdlalo ukuxoxa ngokubeka ukholo lwakho kuNkulunkulu noma ungazi ukuthi ukuholelaphi.


Imibuzo Yokuxoxisana yomndeni: 


• Kusho ukuthini ukubeka ukholo lwakho kumuntu?


<0>• Ungacabanga ngesibonelo lapho ubeke ukholo lwakho kuJesu futhi wakukhulula?


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

7 Days of the Christmas Story: An Advent Family Devotional

Kubuseka sengathi sonke sidinga ukwangana okuhle, ukuxhumana kwangempela, futhi nokugubha okuthile okuthokozisayo njengamanje. Umkhuleko wethu ukuthi lenkonzo yokuzifnikela ezayo izokunikeza wena nomndeni wakho indlela y...

More

Sithanda ukubonga iMoody Publishers ngokunikela ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://www.bhpublishinggroup.com/25-days-of-the-christmas-story/

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo