Ukubuya: Awukephuzi Kakhulu Futhi Awukho kude KakhuluIsampula

The Comeback: It's Not Too Late And You're Never Too Far

USUKU 6 KWEZINGU- 7

Vuka

Yonke imingcwabo imnyama. Kodwa le esifunda ngayo kuLuka 7:11–16 yayiqeda amandla. UmBhalo uthi indoda eyayisanda kufa yayiwukuphela kwendodana yomfelokazi. Uma wawungumfelokazi ngalezo zinsuku, wawungasenamali. Ngokomthetho, ubungeke ube ngumnikazi wendawo noma ibhizinisi. Wawuthembela ezihlotsheni. Ngokuqondile, indodana yakho, uma ube nenhlanhla yokuba nayo. Uma ungenayo indodana noma yafa, wawumiselwe ubumpofu nosizi oluthile.

Yilokho lo mfelokazi abebhekene nakho. Umyeni wakhe wayeseshonile, futhi indodana yakhe okuwukuphela kwayo yayifile. Wayenenhliziyo edabukile nekusasa elimnyama. Kodwa uJesu wabe esengena kulesi simo.

Ngaso leso sikhathi, wenza okuthile ngalesi simo esibucayi. Wasondela ohlakeni wabambelela kulo, bavele bama abathwele uhlaka. Umngcwabo wama ngaso leso sikhathi. Kungaleso sikhathi lapho uJesu ekhuluma nendoda eyayifile futhi eyitshela ukuba ivuke. Konke kwenzeka ngokushesha okukhulu. UmBhalo uchaza ukuthi ofile wavuka kanjani futhi waqala ukukhuluma. Ujesu wayesembuyisela kunina.

Ngithanda ukuthi kukhona isibabazo eBhayibhelini ngaleso sikhathi. "Sukuma!" Ujesu wayefinyelela ngamandla negunya lakhe ekufeni futhi eyala ofileyo ukuba aphinde aphile. Ujesu wayengagcini nje ngokuthemba ukuthi okuthile okuhle kuzokwenzeka. Wayekhipha umyalo wokufa. “Kufa, awunawo amandla lapha. Nginamandla. Uzolalela!”

Masinyane yavuka insizwa. Ungakubona ngeso lengqondo lokho? Izingubo zamathuna zaxebuka, waqhwanda ezimbotsheni zamehlo akhe. Kwakufana nefilimu ye-zombie, ngaphandle kokuthi lo mfana wayengelona ilungu labafileyo abaphilayo. Wayephila ngokuphelele, esebuyiselwe ngokuphelele futhi enempilo futhi.

Lelo yizwi elifanayo uJesu alisho kuwe manje, izwi elifanayo nalelo alisho kuleyo nsizwa. "Sukuma!" Noma isitha sifuna ukukumbela, uJesu unomkhuba wokuphazamisa imingcwabo. Wanqamula eyaseNayini kanye nabanye abaningana phakathi nenkonzo yakhe, futhi anganqamula eyakho ngenjongo nangamandla alowo ovusa abafileyo.

Umyalezo wevangeli uthi uJesu uyathanda ukuphazamisa imingcwabo. Ezandleni zikaJesu, uguqula izinhlaka zibe imikhosi yokudumisa. Ubamba uhlaka lwakho futhi akutshele ukuthi uphile. Unkulunkulu ufuna ukuthinta impilo yakho futhi asebenzise impilo yakho ukuphakamisa ithemba esizukulwaneni sakho. Sekuyisikhathi sokuvumela uJesu akhanyise ukukhanya kwakhe kweqiniso nesihe nomusa nokuphulukiswa kuwe. Sekuyisikhathi sokuthi wehle ohlakeni lwakho uhambe ubuyele edolobheni.

Mhlawumbe abantu abakwazi kahle bazokugqolozela bemangele bese bebabaza bathi: “Kwenzekeni kuwe na? ngoba bengakholwa. Bebazi ukuthi ubheke emathuneni. Kodwa umyalezo kaJesu uwukuthi ngeke kube nomngcwabo namuhla. UnguNkulunkulu wokubuya. Mvumele akuthinte akuphulukise aguqule impilo yakho.

Phendula

Indaba yomfelokazi kaNail yembulani ngamasu esitha ngathi? Yembulani ngamasu kaJesu ngathi?

Ungazibona kanjani wena kule ndaba? Ujesu ukukhulule kanjani ekufeni?

Ujesu wenzani manje ukuze akususe endleleni yokubhujiswa?

Mayelana naloluHlelo

The Comeback: It's Not Too Late And You're Never Too Far

Lolu hlelo lokufunda luhlanganisa ukuzinikela ekufundeni kasikhombisa nsuku zonke okuseselwe encwadini kaLouie Giglio ethi -Ukubuya: Awukephuzi Kakhulu Futhi Awukho kude Kakhulu. Ukufundwa ngakunye kudonsela ezibonelweni zabesilisa nabesifazane emiBhalweni ekukhombisa ukuthi uNkulunkulu usebhizinisini lokunikeza isiqalo esisha kubantu abadinga ukubuya.

More

Sithanda ukubonga uLouie Giglio ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.louiegiglio.com/thecomeback/