UkuhlengwaIsampula

Kwenzekani ngemva kokufa kukaJesu?
Ngemva kwezinsuku ezintathu, uJesu wavuka ekufeni, eshiya ithuna elingenalutho emva kwakhe
.Kusho ukuthini ukuvuka kukaJesu? Siyazi ukuthi ukubethelwa kwakhe kwakhokhela izono zethu, kodwa kuthiwani ngokuvuka kwakhe? Kufeza ini, futhi kungani Kubalulekile?
Ingabe ukuvka kukaJesu kuwubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJesu unguNkulunkulu—ukuthi unguye ayethi unguye? Noma ingabe yilokho kanye okwakumele kwenzeke ukuze uJesu aye ezulwini ngemva kokufa kwakhe?
Kukhona ukungaqondi kahle mayelana novuko ngoba kukhona ukungaqondi mayelana nokubethelwa. Phela, yini ngempela eyafezwa ukubethelwa?
EkaJakobe 1:15 isitshela ukuthi ukukhonza izithombe—okungukuthi, ukubeka izinto phambi kukaNkulunkulu—kuholela esonweni, futhi isono siholela ekufeni. Ngakho, uma ukubethelwa kukaJesu kwakuphathelene nesono, futhi uma isono siholela ekufeni, khona-ke kunengqondo ukuthi ukubethelwa kukaJesu kwabonisa ukunqoba kokufa. Kodwa kanjani?
Kusebenza kanje: uma amandla okufa ehlala nesono, futhi uma isono sinqotshiwe, khona-ke ukufa kususiwe amandla akho.
Yingakho ukufa kungeke kumbambe uJesu. Yingakho ithuna lingenakumthwala. Ngoba wayesinqobile isono futhi kanjalo wanqoba nokufa. Yilokho okushiwo ukuvuka. Kuwubufakazi bokuthi isiphambano sisebenzile! UNkulunkulu evusa uJesu kwabafileyo ubonisa ukuthi isono nokufa kwehluliwe kwaba kanye.
Futhi lokho kwehlulwa kokufa akusebenzi kuJesu kuphela, kuyiqiniso kubo bonke ababeka ithemba labo kuJesu! Ngelinye ilanga, lapho uJesu ebuya, ukufa kuyogwinywa ngokuphelele, futhi amaKristu ayohlala noJesu phakade.
Chitha isikhathi namuhla ubonge uNkulunkulu ngokuvusa uJesu kwabafileyo.
Mayelana naloluHlelo

IKhathekizimu ephakelayo iwuchungechunge lwemibuzo nezimpendulo ezivumela abantu ukuba bahlole imiBhalo futhi bathole indaba kaNkulunkulu. Yabhalwa ithimba elihlukahlukene lezazi zenkolo nabefundisi besonto futhi yaziswa amakhathekizimu amakhulu omlando. Lena ingxenye yesihlanu kweziyisishiyagalolunye ochungechungeni lweKhathekizimu Lokuphakelayo: Indalo, Ukuwa, Isivumelwano + Umthetho, Ukuzalwa Enyameni, Ukuhlengwa, Umusa + Intethelelo, Umoya Ongcwele, IBandla Nendalo Entsha.
More









