I-Testamente Elisha ngezinsuku ezingu-90Isampula

The New Testament in 90 Days

USUKU 45 KWEZINGU- 90

Isingeniso kwabaseKorinte bokuQala

Umphostoli uPawulu ungumbhali walencwadi eya ebandleni laseKorinte. Waqala leli bandla futhi wayelokhu exhumana nebandla lalapho, ngakho wayebazi kahle laba bantu. Leli bandla lakhiwe kakhulu ngabeZizwe. Izazi zikholelwa ukuthi lencwadi yalotshwa cishe ngo-A.D. 55, okungenzeka ukuthi kwakusekupheleni kohambo lukaPawulu lweminyaka ewu-3 e-Efesu. 

Ibandla lalibhekene nezinkinga ezinkulu futhi linezinkinga okwakudingeka zixazululwe. UPawuli wayebaphosela inselelo yokuba babambisane ekuqhubekiseleni phambili ivangeli likaJesu ngoba babehlukene phakathi. Akawuvali umlomo futhi akanqeni ukukhuluma ngezihloko ezishubile kule ncwadi ngoba babevumelana futhi behlanganyela esonweni. 

Mayelana naloluHlelo

The New Testament in 90 Days

Hamba ezahlukweni ezingu-260 zeTestamente Elisha ezinsukwini ezingu-90 ezilandelayo. Kusukela evangelini likaMathewu, uMarku, uLuka, noJohane, kuze kufike encwadini yokugcina yeSambulo, uNkulunkulu uzokhuluma nawe kuzo zonke izimfundiso zalabo abaguqulwa uMsindisi wethu.

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.