Izinsuku ezingu-21 zokuThandazela Abangani Isampula

Isiqondiso somkhuleko
2 Petru 3:9
Inkosi ayilibali ukugcina isithembiso sayo, njengoba abanye beqonda ukulibala. Kunalokho uyanibekezelela , engafuni kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni.
Umthandazo:
Baba, ngiyabonga ngokubekezela kwakho. Awusiphathi ngokwezono zethu kodwa welula uthando lwakho nomusa wakho. Kwangathi umusa wakho ungaholela _______________________ ekuphendukeni nokholo. Ngithandazela ukuthi _______________________ abone ngokugcwele ukujula kwesono sakhe kanye nalokho esisifanele. Ngithandazela ukuthi _______________________ angazi ngesono kuphela kodwa nesipho sensindiso kuKristu Jesu.
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo

Ezikhathini eziningi kuba nzima ukwabelana ngevangeli nabangani bethu. Kuphakathi kokuthi sinqotshwa ukwesaba noma asazi ukuthi sizokwabelana ngani. Sonke sidinga umthwalo ukuze sifinyelele kubangane bethu abalahlekile bakaKristu. Lolu wuhlelo lokufunda iBhayibheli lwezinsuku ezingu-21 olusisiza ukuthi sizindle ngokukhethekile ngezindima eziphathelene nokushumayela ivangeli futhi luhambisana nomkhuleko omfishane wosuku ngalunye lwabangane bethu.
More