Imininingwane ngohlelo

UNkulunkulu unathiIsampula

God With Us

USUKU 1 KWEZINGU- 7

uJesu, uMsindisi wethu

Ngesikhathi sokuzalwa kukaJesu, amaJuda ayelindele inkosi eyayizobakhulula kubacindezeli bese ikhanda umbuso wasemhlaneni. Kodwa ngokuzalwa komtwana bamukela okungaphezulu kokukhululwa esimweni sabo noma empumelelweni yokubusa kwesikhashana.


esikhundleni saloko, uNkulunkulu wakha umbuso Wakhe ongunaphakade, wavula indlela yensindiso, waphinde wasibuyisela ebudlelwaneni Naye, waletha ithemba ezweni elonakele. AmaJuda amaningi awakuqondanga lokhu ngokuphelele futhi awangakwemukela kepha uNkulunkulu wethu wenza ngaphezu kokulangazelela kwethu.


Ngaphambi kokufika kukaJesu, izwe laligqilazwe isono, futhi abantu bakaNkulunkulu babemelelwe ukuletha iminikelo yemihlatshelo kuYena njengenhlawulo. Nakuba kukuhle ukuthi uNkulunkulu waveza umusa kubantu bakhe ngomthetho wesivumelwani esidala,!

Ku-1 Thimothewu, umphostoli uPawulu ukubeka ngokucacile ukuthi sikhulu kangakanani isipho esinaso kuJesu, uMsindisi wethu: "Nanti izwi elithembekile elifanele ukwamukelwa ngokugcwele: UKristu Jesu weza emhlabeni ukusindisa izoni Engingomkhulu kunazo zonke. ” Ngaphambi kokusindiswa kwakhe, uPaul wahlupha amaKrestu, kepha uNkulunkulu wathululela umusa wakhe omkhulu kuye, esebenza ngaye ukubhala okuningi eTestamenteni Elisha nokusabalalisa ivangeli emhlabeni.


NoJesu naye ubalulile ngomusa kaNkulunkulu ophuphumayo emfanekisweni wakhe wenceku engenasihe, wathi, "Inkosi yenceku yamhawukela, yasula isikweletu yamyeka yahamba." Wabuye wathatha elinye igxathu, ekhuluma ngokuthi ukusindiswa kwethu kufanele kusisize kanjani ukuba siphile impilo yokuthethelelwa nomusa kulabo abasizungezile. UJesu wakunanela lokhu kuMyalelo omkhulu lapho akhomba khona ukuthi insindiso akuyona into okufanele igcinwe iyimfihlo, kepha imelwe ukwanda njengelangabi futhi kumele kwabelwane ngayo.


kuloKhisimusi, ake sigcizelele eqinisweni elingakholeki lokuthi, ngoJesu, sithole isipho esikhulu kunazo zonke. Akukhathalekile ukuthi senzeni, besikuphi, noma sicabanga kanjani ngathi-sixolelwe futhi akusadingeki sithwale isisindo sokukhokhela isono sethu nokwehluleka. Singahamba ngokuzethemba enkululekweni yokwazi ukuthi uJesu wephule umthetho wesono nokufa ezimpilweni zethu futhi wasikhulula esikweletini ebesingeke sikwazi ukusikhokha. KuYe, sinethemba nesithembiso sokuphila okuphakade — isizathu esingaka sokubungaza!


Umkhuleko: Baba, ngiyabonga ngokungithanda kwakho kakhulu kangangokuthi Uthumele iNdodana Yakho ukuthi ingenzele indlela yokuba nobudlelwano obungunaphakade Nawe. Kulo Khisimusi, ungikhumbuze ukuthi Ungithanda kangakanani nokuthi ngibaluleke kangakanani kuwe, futhi unginike isibindi sokuxoxa nalabo abasondelene nami ngezindaba ezinhle zezinto Ozenzile empilweni yami.

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

God With Us

Ukhisimusi uyisikhathi sentokozo enkulu, owuphawu lokuzalwa kukaJeau, uMsindisi wethu. Ziningi iziphrofetho ebhayibhelini lilonke ezikhuluma ngokuza kukaJesu, kulesikhathi sokuzinikezela, sizobheka amagama ayisikhombisa ...

More

Sithanda ukubonga i Church of the Highlands ngokunikela ngaloluhlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: http://www.churchofthehighlands.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo