Imininingwane ngohlelo

Merry & Bright: Sibungaza uKhisimusi Nsuku ZonkeIsampula

Merry & Bright: Celebrating Christmas Every Day

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Ngokuba sizalelwe umntwana



“Ukhisimusi awosona nje isikhathi sokujabulakuphela, nokuzindla.” - Winston Churchill



Uke waqaphela ukuthi izingane zikuveza kanjani okuhle kubantu?



Cabanga ngakho: abantu bakhulumela phansi, ngomusa, nangothando eduze kwezingane. Imindeni ihlangana ndawonye ukuze ibone ingane entsha. Abangane bathumela izipho nokudla kubazali abakhathele. Ingasaphathwa, abantu njalo babamnandi kwabesifazane abakhulelwe (futhi kufanele). Kuyathakazelisa ukuthi iqala kanjalo indaba kaKhisimusi: ngengane.



U-Isaya 9:6-7 usitshela ukuthi “sizalelwa umntwana, siphiwa indodana,” futhi leyo ngane kwabe kunguJesu. Yena uMeluleki Omangalisayofuthi iNkosi Yokuthula unguMsindisi womhlaba abantu ababemlindile. Lapho efika emhlabeni, iziprofetho zagcwaliseka. Lo mntwana, owazalwa yintombi nto, wakhula waba indoda ephila ukuphila okuphelele, engenasono. Wafa esiphambanweni futhi wavuka kwabafileyo, esinika ithuba lokukhululwa ezonweni zethu.



Yilokho okushiwo uKhisimusi. Kodwa-ke, uDisemba uvame ukugcwala izinto ezidinga iminako yethu:




  • Ukuthola izipho ezinhle kakhulu zalabo abasohlwini lwethu.

  • Ukuba nomusa ngokungajwayelekile ngamazwi nangezenzo zethu.

  • Ukulungiselela isidlo esimnandi sephathi.

  • Ukwenza ikhadi elimangalisa kakhulu ongalithumela kubangani nomndeni.

  • Ukubamba iqhaza emisebenzini ngoba kuyisiko.


Yizinto ezinhle zonke lezo! Kodwa-ke, uma singanakile, singavumelaindlela esiyigubha ngayo ukuthi ithathe indawo yaLowo esimugubhayo. Singagxilisa ingqondo yethu kuJesu kuyilapho sithola injabulo ezibusisweni zikaNkulunkulu kithi. Sidalelwe ukujabulela izinto, hhayi ukuzikhulekela.



Isikhathi sikaKhisimusi siveza okuthile kwabaningi bethu. Into engaphakathi kithi efuna ukuphana, umusa, imikhosi, ubungane, kanye nomphakathi. Kodwa kuthiwani uma singalindi kuze kufike uKhisimusi ukuze sibe ngamabomu? Akumele silinde kuze kube uDisemba...




  • ...ukunikeza inhlangano engenzi nzuzo.

  • ...ukuba nomusa nokukhuluma ngomusa kwabanye.

  • ...ukulungiselela abangane abaseduze ukudla.

  • ...ukuthumela ikhadi elungeni lomndeni.

  • …ukwakha amasiko onyaka wonke okholweni lwethu.


Kubonakala njengokuhleleka okude okufanele kufezwe, kodwa akunjalo. Kudingeka inhloso kancane. Kufanele siphawule amakhalenda ethu, sakhe isikhumbuzi, futhi simane silandele. Cabanga ukuthi kuzozizwa kanjani lapho sizwa lomusho, “Ukhisimusi yisikhathi sokupha” noma “Lesi yisikhathi somndeni nabangane” ngoDisemba, futhi sizobe sikwenza lokhu ezinyangeni eziyi-11 ezedlule.



Njengoba sifunda kuzo zonke ezinye izinsuku kulolu Hlelo, sizobheka amasiko ethu kaKhisimusi futhi sithole izindlela zokuwahlanganisa unyaka wonke.



Buyisa engqondweni




  • Imiphi imizwa oba nayo ngalesi sikhathi sonyaka? Okuhle noma kubi, ikuphi okwenzakalile okubangela ukuba uzizwe ngale ndlela?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Merry & Bright: Celebrating Christmas Every Day

Kukhona into ebalulekile ngo Khisimusi eveza okuhle kakhulu kithi sonke. Sivamise ukuba mnene, siphe ngokwevile, sichithe isikhathi nalabo esibathandayo. Kodwa kunganjani uma lokhu kungagcini nje kuphela ngoZibandlela? K...

More

Lolu hlelo lweBhayibheli lokuqala lwakhiwa futhi lwahlinzekwa yi-YouVersion.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo