NGENA ENJONGWENIIsampula

Step into Purpose

USUKU 5 KWEZINGU- 5

Ngena Enjongweni Ngokusebenzisa Isevisi Yokuzidela 

Upawulu ubiza abaseGalathiya ukuba baphile impilo ebonisa ukuphana kokuzidela okwehlukile ezweni elinobugovu. Inkululeko esiyitholile kuKristu ayiyona ilayisensi yokufuna ukuvelela, kodwa yithuba lokudumisa uNkulunkulu nokusebenzela abanye ngothando (Bheka kwabaseGalathiya 5:13). 

Singabheka kuJesu njengesibonelo esiphelele somuntu owangena enjongweni Yakhe ngenkonzo engenabugovu. Ebuntwini Bakhe, Wayazi izindleko zenkonzo yokuzidela njengoba Athi, “O Baba Wami, uma kungenzeka, le ndebe mayidlule kimi”. Nokho sithola uJesu enza umsebenzi omkhulu wokuzidela njengoba asho futhi, “Kungabi intando yami, kodwa mayenzeke intando yakho”. Wafa ukuze sikwazi ukungena enjongweni. wafa ukuze sisize abanye benze okufanayo (Bheka uMathewu 26:39)

Njengoba ukhuleka, cela iNkosi ukuthi ikwembulele umongo ongasebenzela kuwo abanye ngothando. Ungase uzithole usezimweni lapho ukhonza abantu esontweni noma emsebenzini. Noma yini eniyenzayo, kwenzeni konke njengokwenzela iNkosi ngothando nenkululeko aninike yona. 


Ibhalwe ngu-Chenaniah Darma


Uma ungathanda ulwazi olwengeziwe nge-C3 College, sicela uchofoze lapha. 

Mayelana naloluHlelo

Step into Purpose

Iyini inhloso yami? Ngihloselwe ukwenzani ngempilo yami? Liyini icebo likaNkulunkulu ngami? Yonke lena imibuzo abaningi bethu abazibuza ngesikhathi esithile empilweni yethu. Sihlose ukuphendula eminye yale mibuzo njengoba siqaqa ukuthi kuyini ukungena enjongweni yakho. joyina abambalwa bethu babafundi baseKholeji le-C3 njengoba besikhanyisela ngalesi sihloko.

More

Sithanda ukubonga i-C3 Church Sydney Pty Ltd ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://www.c3college.com/